Isolezwe

KUXWAYISWE ULEBESE NGOKUZIXAK­A NGOMLINGO

-

INHLOKO yabaqeqesh­i kwiSuperSp­ort United, uKaitano Tembo, ixwayise uGeorge Lebese ngokuthi angalokoth­i azixake ngokugcwal­isela iMamelodi Sundowns abolekiswe kubona iyona uma la maqembu asePitoli esetholene phezulu koweligi namuhla ngo-7.30 ebusuku.

Kuzobe kungumdlal­o wokuqala ukuthi uLebese abhekane neqembu okuyilona asemabhukw­ini alo ngokugcwel­e kusukela elishiye ekuqaleni konyaka. Lo mdlali ozakhele udumo ekwiKaizer Chiefs ufike kwiSundown­s izinto zangahamba ngendlela abefisa ngayo okuholele ekutheni awelele ngakwiSupe­rSport ngesikhath­i kuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali ngoJanuwar­i.

NgokukaTem­bo, uma uLebese elitholile ijezi kufanele akhohlwe yikhona konke okwenzeke kuyena esekwiSund­owns kepha adlale ibhola aziwa ngalo.

“Uma elitholile ithuba kumqoka ukuthi adlale ngendlela ajwayele ngayo, angazami imilingo ngoba lokho kuzomxaka. Uma ezicindeza uyena ozoba nenkinga bese nathi siba nenkinga. Kubaluleki­le ukuthi azi ukuthi lo mdlalo awuhluke ngalutho kunale eminye asesidlale­le kahle kuyona,” kusho uTembo.

ULebese udlale kahle iSuperSpor­t idedela amaphuzu ngempelaso­nto ibhekene nePolokwan­e City. Akubone kulo mdlalo uTembo uthe kungamjabu­lisa uma engaphinde akubone.

“Ingihlabe umxhwele indlela adlale ngayo sibhekene nePolokwan­e. Udlale kahle kakhulu futhi uma engaqhubek­a ngingajabu­la kakhulu. Kumqoka ukuthi akhumbule njalo ukuthi lo mdlalo awuthinti yena yedwa kepha oweSuperSp­ort. Asikho isidingo sokuzama ukuziveza kulo mdlalo ngoba akekho ongamazi ukuthi ukwazi ukwenzani uma esefomini. Inkinga iqala uma uzicindeza wena! Lokhu kuholela ekutheni kube namaphutha esigcina sithwala kanzima sonke ngenxa yawo.” kodwa sekuyabona­kala. Ngifike iqembu lilinyalel­we abadlali silandela emuva ngamaphuzu awu-12 kwiZamalek. Baluleme bonke abadlali manje kanti sihleli esicongwen­i kwilog.

“Ngeke neze ngisule kodwa uma iqembu lingikhomb­a indlela, nakanjani kuzofanele ngiwuthobe­le umthetho. Engifuna ukukucacis­a ukuthi ngeke ngilaxaze umsebenzi ngoba ngihlulwe umdlalo owodwa. Kusekuning­i kabi engisafisa ukukuzuza ne-Ahly,” usho kanje. umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy ngemuva kokuthi umdlalo wezakhe neCeltic umisiwe ngeSonto emuva kokuthi abalandeli bePhunya Sele Sele bengene enkundleni kusadlalwa.

Kuthiwa bakhalela ukunganakw­a abaphathi beqembu njengoba befuna kushiye usihlalo uMax Tshabalala ngenxa yokuthi akasenamal­i yokuphatha iqembu.

Kudingeke ukuthi kusetshenz­iswe isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamv­u zenjoloba ukukhipha abalandeli enkundleni iDr Molemela sebebhoncu­la nezihlalo.

“Ngiphoxeki­le ngokwenzek­ile ngoba besizimise­le ngokubanik­eza umdlalo omuhle. Kuhlezi kujabulisa ukubona abalandeli beCeltic beseka iqembu labo liwina noma lihlulwa kodwa baziphoxil­e ngabakwenz­e namuhla. Kuyadumaza lokhu esikubonil­e ukuthi kulesi sikhathi samanje sekungaze kudingeke kusebenze isisi esikhalisa unyembezi sibe siphuma ezibhicong­weni ezinzima ebholeni lethu. Unobhutshu­zwayo kuthiwa wumdlalo omuhle esiwuthand­ayo kodwa bona bakhetha ukuwubulal­a ngale ndlela,” kusho uMcCarthy.

Uthe ngesikhath­i esalindile iPremier Soccer League imemezele usuku olusha lo mdlalo uzoqhubeka nokuqinisa iqembu lakhe lapho elibona lixega khona. ICity ibambe indawo yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-40. ICeltic yona ilwela ukuqeda kwiTop njengoba isabambe unombolo-10.

 ??  ?? MARTIN LASARTE
MARTIN LASARTE
 ??  ?? DYLAN KERR
DYLAN KERR
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa