URamaphosa ohlwini lomhlaba
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubalwa nabanye abaholi abathathwa njengabanohlonze emhlabeni jikelele njengoba igama lakhe libhalwe ohlwini lwabaholi abawu-100 abanohlonze emhlabeni.
URamaphosa ungene ohlwini lwabaholi abanohlonze emhlabeni jikelele olufaka noMengamel waseChina uMnuz Xi Jinping, owaseBrazil uMnuz Jair Bolsonaro, uPhapha wamaRoma uFrancis, uMengameli wase-United States uMnuz Donald Trump nomsubathi wakuleli ongushamepi wama-Olympic namaCommonwealth Games uCaster Semenya.
ITime Magazine yiphephabhuku elineminyaka ewu-96 lishicilelwa, lithe uRamaphosa ngumholi onesineke okwazile ukusebenzisa amakhono akhe kwezepolitiki.
“Akazange acasuke nangesikhathi engasitholi isikhundla sokwengamela iNingizimu Afrika ngeminyaka ka-1990. Wuyena owaba nesineke wangena emabhizinisini. Ngesikhathi izitha zakhe zenza iNingizimu Afrika ingabuseki uRamaphosa ubeqhuba amabhizinisi akhe,” kusho uNksz Vivienne Walt obhalela iTime.
Phezu kokuba iTime ithi uRamaphosa unethuba lokuqeda inkohlakalo nokukhulisa umnotho kodwa ithi ukunqanyulwa kukagesi kuzophazamisa izinhlelo zokuthuthukisa izwe, kwandise izinga lokungasebenzi nobuphofu obugcwele ezweni.
Isola i-ANC ngokushiya uRamaphosa esengcupheni yokuketulwa njengoba ezobhekana nempi enzima okhethweni lwangenyanga ezayo.
UCaster ulwa impi yokucwaswa yi-International Association of Athletics Federation efuna ehlise izinga le-testosterone emzimbeni wakhe.
UCaster akabhaliwe yedwa kubantu abaletha umehluko emhlabeni njengoba ebalwe nowayengunkosikazi kaMengameli wase-USA uNkk Michelle Obama nomkhiqizi wamafilimu uSpike Lee.
ITime ichaze uCaster njengomuntu ozovulela abesifazane nabazithatha ngokuthi bangabantu besifazane amathuba kwezokusubatha.
“Udaba lukaCaster lunzima kakhulu ngoba selunepolitiki, okufanele ixazululwe kwezemidlalo. Noma ngabe ixazululwa ngayiphi indlela, uCaster uselifakile igama lakhe emlandweni wokushintsha indlela abantu ababona ngayo ubulili,” kusho uMnuz Edwin Moses ongumsubathi, owake wawina izindondo zegolide ezimbili futhi nguye oweza nezindlela zokuhlolela izidakamizwa kwezemidlalo.
Umdlali webhola waseEgypt odlalela iLiverpool, uMo Salah naye ungenile ohlwini lwabangu 100 abanohlonze emhlabeni jikelele.
Ungenile nomdlali we-basketball uLeBron James umlando wakhe ubhalwe ngumacaphunakusale uWarren Buffet, umdlalo wegalofu uTiger Woods nomsunguli weFacebook uMark Zuckerberg.