Kwethulwe uhlelo lukagesi eKokstad
UMASIPALA waseKokstand uphothule umsebenzi oqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi kulo masipala zihlinzekwa ngogesi.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uvakashele lo mkhandlu ukuyokhanyisa ihlandla lokugcina likagesi emizini yezakhamuzi ebisisele.
Ethula inkulumo, uNkk Dube-Ncube uthe okwenzeka eKokstad kuyigxathu eliya phambili ezinhlelweni zesifundazwe zokuletha izidingo ezifana nogesi kubantu ezindaweni zabantu ezazinganakiwe.
“Lo masipala ungohamba phambili esifundazweni njengoba kungekho neyodwa iwadi engenawo ugesi,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Lolu hlelo lwethulwe phambi kwezinkumbi zabantu abebegcwele endaweni yaseBhongweni Youth Centre.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yiziMeya yaseHarry Gwala uMnuz Mluleki Ndobe neyaseKokstad uMnuz Bheki Mtolo.
UNkk Dube-Ncube uthe akangabazi ukuthi ukuba nogesi komphakathi kuzoyiguqula impilo nenhlalo yabantu kule ndawo kuvule amathuba amabhizinisi nomsebenzi.
Uthe lolu hlelo luzosiza kakhulu ukusheshisa uhlelo lukahulumeni wesifundazwe lokuthuthukisa ingqalasizinda emadolobheni amancane, ukuze lawa madolobha akwazi nokuthi ahehe osozimboni kudaleke namathuba emisebenzi
“UMengameli wokuqala weNiningizimu Afrika ekhululekile, ubaba uNelson Mandela wasinikeza umyalelo wokuthi njengesizukulwane samanje esikulo msebenzi wokuhola uhulumeni, sinomthwalo omkhulu wokuthi senze ukuhlupheka nobubha bube wumlando empilweni yabantu bakithi. Wathi konke sekusezandleni zethu,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Omunye wamalungu omphakathi ozwakalise ukujabula uNkk Nomahomba Mkhize (78), ungomunye wabahlomule ngogesi.
“Ngiyabonga ukuthi ekugcineni nakimi kufika ukukhanya kusuke ubumnyama. Sesizosizakala kakhulu ngoba nobugebengu banda kakhulu uma kumnyama. Njengoba sekuzongena ubusika nje ukuba khona kukagesi kuzosiphephisa nasezingozini zokushiswa umlilo,” kusho uNkk Mkhize.