Bazolishintsha ivoti abahlala emjondolo
ABANYE abahlala emjondolo yakuKennedy Road eThekwini bathi bazolishintsha ivoti labo, bavotele elinye iqembu njengoba abebelithemba libaphoxile.
Lokhu kuvele ngesikhathi Isolezwe livakashele lo mphakathi oneminyaka uhlala emijondolo eseduze nalapho kulahlwa khona udoti.
UMnuz Simphiwe Ndlovu (25), oneminyaka emithathu ehlala kule ndawo uthe: “Ngiyaya impela ukuyovota ngoMeyi 8 nonyaka kodwa kulokhu ngizokwenza isiqiniseko ukuthi ngivota ngicabangile, ngingenzi njengakuqala lapho ngavela ngavota nje. Iqembu engangilivotele ngaphambili ngeke ngisalivotela manje ngoba lingiphoxile langazigcina zonke izethembiso elazenza. Unanelwe uMnuz Sibusiso Nguse (36), osehlale endaweni iminyaka engu-20.“Ngiyangabaza nokuyovota ngoba ayikho inhlangano engiyithembayo engibona ifanele ivoti lami. Kuneminyaka ngivotela iqembu elilodwa kodwa isimo salapha asishintshi, nemisebenzi ayikho. Uma kwenzeka ngagcina ngivotile ngeke ngisalivotela iqembu ebengihlala ngilivotela,” kusho uNguse.
UNksz Nosipho Ntetha (27), osehlale kuKennedy Road iminyaka emithathu uthe phezu kokuba ekubhalisele ukuvota kodwa akaboni ukuthi uzovota.
“Kunzima kabi ukusuka emjondolo
uyovota ngoba impilo engcono awuyiboni ngakho umosha isikhathi sakho. Ngavota kabili empilweni yami kodwa alukho ushintsho engake ngalubona. Ngizozihlalela nevoti lami ngiqhubeke ngizixakekele,” kusho uNksz Ntetha.
UNksz Kholeka Mthethwa (39), oneminyaka emihlanu ehlala endaweni nezingane zakhe ezinhlanu uthe uzovota okokuqala ngqa.
“Ngizovota ngoba ngifuna ukuqhubeka ngithole imali yesibonelelo sikahulumeni njengoba kuyiyona imali esiziphilisa ngayo njengoba uyise wezingane wangishiya wahamba nabanye. Bengingavoti phambilini ngoba benginenkinga kamazisi wami. Sengiyalazi neqembu engizolivotela, sengikhethile. Lelo qembu ngithemba lizongilethela impilo engcono nentuthuko,” kusho uNksz Mthethwa.
UMnuz Rogers Mthembu (57), osehlale iminyaka engu-19 lapha uthe: “Angikaze ngivote futhi ngeke ngivote nakulo nyaka. Uvota kanjani uhlala emjondolo enjena, ungakaze uyithole intuthuko? Angiliboni ikusasa elingcono ngokuvota. Ngizibambela amatoho ngondle izingane zami ezintathu, uhulumeni akukho engibone engenzela khona. Angiboni ukuthi ivoti lami longikhipha kule mijondolo. Leli qembu eliphethe lisahlulwa ukusakhela izindlu lapha kuKennedy Road. Ngeke nje ngivote,” kusho uMthembu.
Usomabhizinisi wendawo, uMnuz Sibusiso “T-zisto” Mkhwanazi, oneshisanyama ebizwa ngeT-zisto & Thelo uthe uzovota.
“Ngizovota noma kanjani ngoba ngifuna umhlaba. Ibhizinisi lami alinayo indawo ekahle, alikwazi nokukhula kahle ngenxa yokuthi anginayo indawo. Ngifuna ngevoti lami kwenzeke umehluko, sithole nomhlaba esizosebenza kuwo thina bosomabhizinisi abancane abasafufusa,” kusho uT-zisto.
UMnuz Zakhele Ngubane (21), oneminyaka emihlanu ehlala kule ndawo uthe uzobe evota okokuqala. Uthe akakazi ukuthi iliphi iqembu azolivoteka kodwa yena uzoya kovota ngoba yilungelo lakhe elikuMthethosisekelo.