Kukhonjwe umhlaba abantu abazokwakha kuwona
UMASIPALA weTheku usuveze ukuthi usuthole iziza ezingu-700 ezindaweni ezahlukene eThekwini, okuzokwakhiwa kuzo izindlu. Lokhu kuthiwa kuzohlomulisa abaningi abangenazo izindawo zokuhlala, kunciphise nemijondolo.
Ngokombiko kamasipala kuthiwa kuzothatha iminyaka engu-40 ukulungisa udaba lokushoda kwezindlu eThekwini. Ukutholakala kwalezi zindawo kuzokwenza ukuthi abantu bazakhele kunokuthi balinde ukwakhelwa wuhulumeni izindlu. Kuvela ukuthi lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu lungezinye
zezindlela zokunciphisa abahlala emijondolo nomkhuba wokudla ngenkani umhlaba.
Ziningi izigameko zokudliwa ngenkani komhlaba, okubalwa esakamumva esenzeke eNew Germany Game Reserve.
UNkk Zandile Gumede oyiMeya yeTheku, uthe uyawujabulela lo mbiko futhi uyathemba ukuthi nomphakathi uzowamukela. Nokho kushayisana imibono ngalo mbiko njengoba amaqembu aphikisayo naBahlali baseMjondolo bengawuzwa kahle. Lo mbiko wethulwe ngoMsombuluko wuphiko lwezokuHlaliswa kwaBantu emhlanganweneni wesigungu sekomiti kuMasipala. Kulezi zindawo okuthiwa kuzokwakhiwa kuzo kubalwa Isiphingo, Buffelsdraai, Cliffdale, Myezi naseCato Manor.
Ongusihlalo walolu phiko, uMnuz Mondli Mthembu, uthe babone kungcono banikeze abantu umhlaba kunokuthi balinde izindlu. Uthe uma benikwa iziza bangazakhela izindlu ezingcono kunemixhaso. Kuvele ukuthi kusazoxoxiswana nabanikazi balo mhlaba osuhlonziwe ukuze udayiselwe uasipala. Kuthiwa lolu hlelo luzoxhaswa yi-Urban Settlements Development Grant. OnguMengameli waBahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe akakholwa ukuthi uMasipala uzosifeza lesi sithembiso. Uthe bangaphezu kuka-400 000 abantu abaswele izindlu, okungenza ukuthi lolu hlelo luthathe iminyaka. “UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu usuvele usibikele ukuthi kungathatha iminyaka engu-60 ukunikeza bonke abantu izindlu. Kuyingozi ukuthi uMasipala uveze umbiko ofana nalona, okungabonakali kuyinto ezokwenzeka. Lokhu kuyindlela yokuzitholela udumo kwezepolitiki.”
Uthe kuyamangaza nokuthi sekuze kwakhishwa lo mbiko bona bengakaze bathintwe ngawo.
“Ukube baneqiniso ngalo mbiko bebezothinta thina ngoba yithina esihlala emijondolo. Basaqhubeka nje nezithembiso ezingamanga,” kusho yena.
UMnuz Mdu Nkosi onguSihlalo yeKhokhasi yeIFP, uthe muhle umbono kodwa umlando uveza ukuthi umasipala awuzigcini izethembiso. Uthe eminyakeni elishumi edlule umasipala ubuwakha izindlu ezingu-15 000 ngonyaka kodwa usuwakha ezingu-4 000.
“Kuzophela iminyaka elishumi kungakhiwanga lutho. Inkinga i-ANC ichitha imali yenza imicimbi yawo.
UMnuz Heinz de Boer weKhokhasi ye-DA, uthe akasho ukuthi umasipala awungazami kodwa akawuboni lo mbono uphumelela.