UBilliat ukhala ngokugeja kweChiefs
UMGADLI weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, ubalula inkinga yobuthuntu bamafolosi aleli qembu elisengcupheni yokuqeda enye isizini lilambatha.
UBilliat usayine kwiChiefs ekuqaleni kwesizini emuva kokwenqaba ukuvuselela inkontileka neMamelodi Sundowns. Bekunedumela lokuthi uzobuyisa ukudlala ngokuzwana noLeonardo Castro abebebhubhisa naye amaqembu kwiSundowns. Nokho izinto azihambanga ngendlela. Kunalokho laba bagadli badonsa kanzima ukushaya amagoli.
Umdlali ohamba phambili ngamagoli kwiChiefs nguBilliat, oshaye ayisihlanu kule sizini. Abanye abagadli beChiefs abangayiboni
inethi kule sizini nguBernard Parker, Ryan Moon noGustavo Paez olizwa ngendaba ijezi ngaphansi komqeqeshi u-Ernst Middendorp.
“Singabagadli asiwashayi amagoli ngezinga esifisa ngalo. Sizama ngakho konke ukusebenza endleleni esixhumana ngayo enkundleni futhi sizame ukwakha amathuba amaningi.
Singabagadli yinto esizamayo ukuyilungisa nokuqinisana idolo, sesekane ukuze noma ubani onikwe ithuba lokudlala ezoshaya amagoli,” kusho uBilliat.
IChiefs inethuba lokugcina lokujabulisa abalandeli ngokuwina iNedbank Cup. Izovakashela iChippa United kowandulela owamanqamu eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
Amakhosi yiwona asewine iNedbank ukuwadlula wonke amaqembu eMzansi kwazise aseyiphakamise amahlandla awu-13. Agcine ukuyiphakamisa ngo-2013 esaqeqeshwa nguStuart Baxter.
IChiefs idlulele kowandulela owamanqamu emuva kokwehlula iCape Town City ngo 2-0 emasontweni edlule.
“IChippa iyiqembu elihle. Iyakwazi ukugcina ibhola futhi iyakwazi ukuzumisa. Inabadlali abahle abangashintsha izinto noma yinini.
Ngicabanga ukuthi kufanele siye laphaya sifuna ukuwina ngaphezu kweChippa. Ngeke kube lula, ikakhulukazi njengoba izobe idlalela ekhaya.
Kodwa ngiyakholelwa eqenjini lethu. Uma sidlala sizimisele ngokwanele sizowina,” kusho uBilliat.
Nakuba iChiefs isiqede iminyaka ingawini lutho kodwa ibikade ifinyelela kweyamanqamu. Ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uSteve Komphela ifike kabili kweyamanqamu kodwa ihlulwa. Kule sizini okwesithathu ifinyelela kowandulela owamanqamu. KwiMTN8 ikhishwe yiSuperSport United, kwathi kowandulela owamanqamu weTelkom Knockout yahlulwa yi-Orlando Pirates.
“Le sizini asikwazi ukuyibiza ngenhle kwiChiefs kusukela ngiyibuka ngingakadlali kuyona. Kungaba kuhle kakhulu ukuqeda isizini ngendebe senzele abalandeli. Izinto ziya ngokuba nzima kuwona wonke umdlalo esiwudlalayo njengoba sekuyophela isizini. Kweyendebe sekunzima kunakuqala. Kudinga bonke abadlali ukuthi bagxilise imiqondo yabo, silungise wonke amaphutha esiwenzile, siye emdlalweni sifuna ukuwina ngaphezu kwezimbangi,” kusho uBilliat.