Phumula uzelule uma usohambweni olude
SASHO saphakama leso sithunywa esizishaya sasipoliyane esidudulwa ufuqane oluyisimo semoto ehamb’ihambe bese ikhanyisa ama-hazard maqede iphumule eceleni komgwaqo insimb’yomlungu.
Uma ngithi ngiyabheka esimeni samandla ngibona abazalwane behlabelel’uHosana kweliwela umfula ugcwele.
Ngithi ngiyabuza nkosi yami ukuthi ingabe kwenze njani kukhona yini osekonakele phela zonke izindlela zibheke ePhasikeni. Lithi izwi cha akukho lutho olutheni yikho nje ukuthi abashayeli balezi zinqola zomlilo basahlabe ikhefu ukuze bancinde kulolu dengezi ngaphambi kokuqhubeka nohambo olude.
Siyazi ukuthi akuwona wodwa amakholwa atholakala emigwaqweni yezwe ngalesi sikhathi kodwa iGoli lisuke lidilikile ligcwele kwelikaMthaniya ngokunjalo nezindlela ezibheke ePietersburg zisuke zidala ukuthi insizwa yakoMsweli igcine isithi hlokoza kweyiphambili ngoba emuva kunodaka sekubhajwe ithendele kwathalaza isomi uxamu eshay’izandla.
Sekuke kwavela ngesibonakaliso ukuthi ezinye zezingozi ezehla eMpumalanga, KwaZulu-Natal neMpumalanga Kapa nakwezinye izindawo ezigudle ugu zidalwa amagoduka asuke esehlale esiteringini isikhathi eside noma asithi ibanga elide.
Izazi ngezokushayela nabacwaningi bezingozi zomgwaqo bathi izingozi eziningi zehla ebangeni okusuke sekuthiwa thokola themba amathunzi ayewukela bese kuthiwa wayesezofika ekhaya emva kohambo olude noma emva kokubusa ngokweqile emgidini thizeni. Nabefundisi siyazi ukuthi abalali behola inkonzo ubusuku bonke maqede baqhoqhobale isiteringi imini yonke sekugodukwa namakholwa.
Okunye okubangela izingozi ikakhulukazi ezithuthini zomphakathi kuba yisimo sokujaha imali lapho ukukhathala kungasahlonishwa. Sengike ngahlala nabashayeli abashaya amabanga amade ngezwa nangeqhinga labo lokulwa nesela, yebo sisho ubuthongo obufika bucathama njengesela.
Bathi bathatha igrand-pa bayixube ne red-bull bese bethi lambalazi laphoke baphaphama amahora engeziwe. Bangayishaya ingene eKapa isuka eThekwini. Angikhohlwa wuhambo engake ngaluthatha ngisuka eThekwini nginqamula ngeBotswana ngilibangise enyakatho yeNamibia e-Ottavi. Lapho ngahamba
izinsuku ezimbili golokoqo ngilekelelwa omunye umshayeli.
Singama-hazard sicela ukucaphuna amavesi ambalwa encwadini yezazi zasentshonalanga esimweni somoya womgwaqo. Uthi umbhali, hlolisisa impilo yeziqhobosho, amasondo nezinye izingxenye zezokuphepha emotweni okubala namalambu uyilungise lapho kufanele khona ngaphambi kokuthatha uhambo olude.
Uma usuqinisekisile ukuthi konke kumi ngomumo ngisho isondo eliyisipele, ujeke nonxantathu usungahlela uhambo lwakho.
Zikalele ukuthi ufisa ukufika nini lapho uya khona kepha ungathembeli ejubaneni. Bala amakhilomitha ozowahamba bese uwanquma phakathi kuthi njalo emva kwamakhilomitha ayikhulu uthi gozololo. Lokho kusho ukuthi uma uya eGoli usuka eThekwini ishaye bese wenza “ichama siteshi” yokuqala eMgungundlovu, eyesibili eMtshezi, eyesithathu eMontrose noma eHarrismith kanjalo kanjalo uze uyongena eGoli.
Uma wenza ichama siteshi impela ngena elavathi uzikhulule bese uthola namanzi uchithe imizuzu elinganiselwa kwengu-30 ngaphambi kokuyikhulula ilandele ezinye.
Hlala unoswidi noma izithelo emotweni ukuze ubuye uhlafune okuthize kodwa makube yinto eyimpilo. Singama-hazard siyayichitha indaba yokuthi uxube impushana yekhanda nesiphuzo esinika umdlandla ngoba lokho kunomthelela ongemuhle ezinsweni zakho.
Ngaphezu kwalokho yazi ukuthi uma umzimba usuthi ukhathele usuke sewufuna ukuthi uwuphumuze noma uthathe isihlwathi. Kuyasiza ukuthi kube khona umshayeli ozoshintshana naye uma ubona ukuthi isikhathi sakho asikuvumeli ngokugcwele.
Abanye bathatha abantu abazoxoxa nabo ukuze ubuthongo bubaleke. Asikugqugquzeli ukugibelisa abantu ongabazi emotweni, hamba nabantu obaziyo.
Akulona ichilo ukuthatha isihlwathi bese uvuka ususwabulukile maqede uyithume ilandele ezinye. Ngihlala ngixoxela abantu ukuthi ngake ngathi sengixinwe ubuthongo nokukhathala ngachezukela eceleni komgwaqo ngashaya ama-hazard ngaqethula isihlalo ngahlephula.
Ngeke ukholwe ukuthi ngathi ngiyahlephula ngavele ngahuqa ubuthongo obujulile ngaze ngaphaphama ezintathakusa. Empeleni ngalala ngabo11 ebusuku ngaphaphama ligamenxe elesithathu ekuseni.
Abanye abantu abakholwanga uma ngibatshela ukuthi ngithe ngiyahlephula ngavele ngabushisa kwasa emnyango. Kodwa lokho kwakufakazela ukuthi ngase ngikhathele ngokweqile ukube ngaqhubeka ngangiyovuka esihluthu nakanjani.
Akuyona into embi ukuthi uhuqe ubuthongo usendaweni ephephile imoto imile kunokuthi bukuzume idla amagalani ngoba lokho kuzosondeza emndenini wakho isimo sengoma ethi njengembali noma amagugu aleli zwe.
Abanye abashayeli bazongivumela ukuthi ikhofi liyasiza ukuxosha ubuthongo obudalwa ukukhathala yize kuya ngabantu.
Gwema ukusebenzisa ucingo ushayela ngoba luyaxhopha ebusuku kanti futhi luyaphazamisa. Uma uzazi ukuthi uzoba semgwaqweni isikhathi eside yiba namakopi asezindlebeni noma uluxhume emsakazweni wemoto ucingo lwakho ikakhulukazi uma ivuma imoto yakho.
Gwema ukusebenzisa imigwaqo ongayazi ngoba uzama ezinqamulelayo, isiZulu sithi undlelende akabulali.
Lilonke singama-hazard sithi ayobuye iphumule insimb’yomlungu ezindleleni ezinde ezibheke ePhasikeni ukuze abazalwane bethu bafike bephila lapho beyodumisa khona.
Hhayi-ke sethembe zonke izimoto zethu seziphile saka nabashayeli bakulungele ukuqala uhambo futhi ukusheshe uqale uhambo kungasiza uvike isiminyaminya santambama.
Okwamanje sesingawavala ama-hazard ethu siqhubeke nohambo oluphephile olubheke emakhaya nasezinkonzweni basilindile.
Size sihlangane sisaphila sonke nangemumva kukaGudi. Uma usafisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase kuFacebook.
Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com