Isolezwe

UBabo noNtando ezingozini zomgwaqo

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABACULI bakuleli, uBabo Ngcobo noNtando Bangani basinde ezingozini zomgwaqo ngokwahluk­ana. Isolezwe lithole ukuthi uBabo ube sengozini yemoto ngoLwesine ntambama, okuqinisek­iswe yilo mculi.

“Ingozi yenzeke uma ubheke ngaseTaful­eni. Kukhona imoto ebengizoph­ambana nayo eqhamuke isishibili­ka yaphenduka kabili phambi kwami. Ngivele ngama ngangazi ukuthi ngenzenjan­i yangishayi­sa yangikhiph­a emgwaqweni,” kusho uBabo.

Ubehamba ngeToyota Rav4 eba sengozini ne-Opel Corsa. Uthe akazwanga lutho ngemuva kwesigamek­o.

“Ngike ngahlala imizuzu cishe emihlanu ngisadidek­ile, kwaze kweza umshayeli engishayis­ene

naye engqongqoz­a engibuza ukuthi angilimele yini. Kufike nabezimo eziphuthum­ayo bangihlola bangathola lutho,” kuchaza uBabo.

Uthe ukholwa wukuthi umzimba ubusashisa ngoba ngempelaso­nto uzwe izinhlungu ekhanda, ehlombe nasedolwen­i.

“Sengizoqal­a ngiyinake kahle le ndaba yokulimala kwami ngoba ngiqinisel­ile ngiyocula ePort Shepstone,” kusho uBabo.

Ubenandisa emcimbini Uvukile Gospel Festival, oGu Sports and Leisure Centre, ePort Shepstone ngeSonto ebusuku eqinisela ngemuva kwengozini.

UNtando yena ube sengozini ngoLwesihl­anu ntambama. Utshele Isolezwe izolo ukuthi ubesendlel­eni ebheke e-studio ngesikhath­i ehlelwa yingozi.

“Bese ngizofika ngase-studio ngiyowela irobhothi. Angazi kuseCresta noma eLinden laphaya. Bekungekho izimoto eziningi emgwaqweni.

Kuvele kwaqhamuka imoto emnyama ebigijima sashayisan­a. (Umshayeli) ungitshele ukuthi uphelelwe amabhuleki kodwa ngenhlanhl­a asilimalan­ga sobabili. Ngitubekil­e nje,” kusho uNtando. Uthe ukwakhe lapho elulama ekhona. Khonamanja­lo, kubikwe ukuthi nomgadli weKaizer Chiefs, uKhama Billiat ube sengozini yemoto. Ngokombiko we-website yaseZimbab­we, lapho edabuka khona, i-www.soccer24.co.za, imoto iphume emzileni yashayisa eceleni ngeSonto ebusuku. Kuthiwa uphume engenamyoc­u.

 ??  ?? ISALE inje imoto ebihamba umculi, uNtando Bangani ngemuva kwengozi ebe seGoli ngoLwesihl­anu Isithombe: SITHUNYELW­E
ISALE inje imoto ebihamba umculi, uNtando Bangani ngemuva kwengozi ebe seGoli ngoLwesihl­anu Isithombe: SITHUNYELW­E
 ??  ?? NTANDO BANGANI
NTANDO BANGANI
 ??  ?? BABO NGCOBO
BABO NGCOBO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa