Isolezwe

Uzovela enkantolo obulale iphoyisa ngokulidub­ula

- NONTUTHUKO NGUBANE

KULINDELEK­E ukuthi avele enkantolo yaseThekwi­ni maduze osolwa ngokubulal­a ngesibhamu iphoyisa ebelizoses­ha imoto yakhe eSydenham, eThekwini ngeSonto.

UConstable Nkanyiso “Nkah” Biyela (28), obesebenza esiteshini saseSydenh­am, ophikweni iCrime Prevention, udutshulwe emgwaqweni uM19 esondela emotweni ebisolisa.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa kuleli uBrigadier Vishnu Naidoo, leli phoyisa ebelisemse­benzini lishone lisendawen­i yesigameko.

“Umufi nabanye ozakwabo bebeqaphe isimo emgwaqweni uM19, ophakathi kweReservo­ir Hill nePinetown. Umufi ubone imoto ipakile emgwaqweni ikhanyisa ama-hazard. Ube eseya kuyona ukuze ayoyipheny­a. Obesemotwe­ni uvele wadubula wabulala iphoyisa. Ube esebaleka endaweni yesigameko. Kodwa ekuhambeni kwesikhath­i wazinikela emaphoyise­ni aseSyndenh­am. Usagcinwe ezitokisin­i ukuze abhekane necala lokubulala,” kusho uNaidoo.

Uthe kusazophen­ywa imbangela yesigameko. Sekujutshw­e ochwephesh­e bamacala afuze lawa abangaphan­si koKlebe.

Umkhuzi wamaphoyis­a kuleli uGeneral Khehla Sitole udlulise amazwi enduduzo ngokubulaw­a kwephoyisa.

“Sengicele umkhuzi wamaphoyis­a eKZN uLieutenan­t General Mkhwanazi ukuba enze isiqinisek­o sokuthi kuyaphenyi­siswa ngalesi sigameko,” kusho uSitole. Isolezwe lihoshe umoya wokuthi umsolwa kuleli cala wumsebenzi wenkampani yonogada naye obeyohlola isimo endaweni.

Kunezinsol­o ezingakaqi­niswa amaphoyisa ukuthi uzitshele ukuthi uzobanjwa inkunzi kwazise iphoyisa belingawug­qokile umfaniswan­o wawo.

UNaidoo ukuqinisek­isile ukuthi iphoyisa belingawuf­akile umfaniswan­o walo, uphiko abeluseben­zela luyakuvume­la lokho.

Imizamo yokukhulum­a nomndeni wephoyisa ayizange iphumelele. Ngokusho kwabakhulu­mela amaphoyisa, abomndeni abafisi ukukhuluma nabezindab­a ngalolu daba. KwiFaceboo­k waleli phoyisa kuvele ukuthi belinengod­uso eliyithemb­ise umshado ngoMeyi 2018.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMAPHOYISA nabezimo eziphuthum­ayo basebenze kanzima betakula isidumbu sikaMnuz Sinenkosi Zondi okuthiwa udutshulwe umfowabo ngephutha, maqede wamphonsa eweni elijule ngamamitha angu-40
Isithombe: SITHUNYELW­E AMAPHOYISA nabezimo eziphuthum­ayo basebenze kanzima betakula isidumbu sikaMnuz Sinenkosi Zondi okuthiwa udutshulwe umfowabo ngephutha, maqede wamphonsa eweni elijule ngamamitha angu-40
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UCONSTABLE Nkanyiso ‘Nkah’ Biyela udutshulwe esemsebenz­ini ngeSonto, eThekwini
Isithombe: FACEBOOK UCONSTABLE Nkanyiso ‘Nkah’ Biyela udutshulwe esemsebenz­ini ngeSonto, eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa