Isolezwe

Uzidubule wafa obulale umfowabo ngephutha

- PHILI MJOLI

UZINGQOKLO­ZE ngesibhamu wazibulala owesilisa okuthiwa udubule wabulala umfowabo ngephutha edakiwe, ngeSonto.

UMnuz Zama Zondi kuthiwa udubule umfowabo, akade ephuza naye uMnuz Sinenkosi Zondi (26), ngephutha.

Kuthiwa uZama uthathe umfowabo obesedubul­ekile ngemoto ethi umphuthumi­sa esibhedlel­a ukuze athole usizo kodwa washona besendlele­ni.

Ngokuthola kweSolezwe, uZama unele wabona ukuthi umfowabo useshonile, wangabe esaqhubeka nokuya esibhedlel­a. Uhambe nesidumbu ngayo imoto abebeya ngayo esibhedlel­a waya eweni elikuyo le ndawo wafike wasilahla khona.

Ngemuva kwalokho kuthiwa ube eseya emndenini eyochaza ukuthi kwenzekeni, waphinde wacela uxolo ngesenzo sakhe. Umndeni obusadidek­ile uzwe sekuqhuma isibhamu naye esezidubul­a, washonela lapho.

Kuthiwa laba ababili bebengehlu­kani,

bebehlale behamba ndawonye beyozijabu­lisa ngokuphuza. NgeSonto bebehamba bobalili njengenjwa­yelo. Akucaci ukuthi uZama ubenzani ngesibhamu ngesikhath­i siqhuma kudubuleka u mfowabo. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCol Thembeka Mbele, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi ngokuthola kwabo isihlobo okusolwa ukuthi besidle amanzi amponjwana sidubule esinye ngephutha, isidumbu saso sasilahla eweni.

“Kubizwe abezimo eziphuthum­ayo nophiko lwezinja ukuthi luyolekele­la njengoba bekubhekwa isidumbu sesihlobo esibulewe lapho bekusho khona umsolwa, ngaphambi kokuthi naye azibulale.

“Ngemuva kokubheka eweni elinehlath­i isidumbu sitholakal­e ekujuleli kwewa endaweni engamamith­a angu-40,” kusho yena.

Uqhube wathi kuvulwe icala lokubulala nedokodo lophenyo eliphenywa esiteshini samaPhoyis­a eMatimatol­o.

Imizamo yokuxhuman­a nomndeni izolo ayiphumele­langa.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa