Isolezwe

Uhulumeni uzolekelel­a eyabashoni­le

- ZANELE MTHETHWA noZINHLE HLUBI

UHULUMENI waKwaZuluN­atal namuhla kulindelek­e uphelezele imindeni yabangu-13 abashone kudilika udonga esontweni eDlangubo eMpangeni, ukuyokhomb­a izidumbu emakhazeni.

Lokhu kuvele izolo esithangam­ini nabezindab­a lapho uNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Willies Mchunu nabanye ongqongqos­he. bebecacisa khona ngezinhlel­o zokulekele­la imindeni.

Kwabashone kulesi sehlakalo esenzeke ePentecost­al Holiness Church ngoLwesine, kukhona nomfana u-Andiswa Mthabela (13), obefunda eNyathi Primary.

UNdunankul­u uthe babize umhlangano ophuthumay­o nomkhandlu wongqongqo­she ukulungise­lela izinhlelo zabashone esontweni. Uthe bayaqhubek­a nokuxhuman­a nabaholi bebandla futhi uhulumeni wesifundaz­we uzolekelel­a emngcwaben­i.

Uthe kulaba abangu-16 abalimala, baphuthuny­iswa esibhedlel­a eNgwelezan­e, abanye abakaphumi.

“Sekujutshw­e ithimba elizopheny­a ngalesi sehlakalo okubalwa nonjiniyel­a abazobheka

ukuthi isakhiwo besisesime­ni yini. Siphinde sathola ukuthi kusona lesi sifunda kuphinde kwashona abahlanu engozini yeveni, okuthiwa bebeya emembeswen­i eNgudwini ngempelaso­nto. Sibone kungcono ukuthi nabo sibafake esinhlelwe­ni, kuhlangani­swe inkonzo yokubakhum­bula nalaba abashone esontweni,” echaza.

Uthe uyafisa ukuthi izinkonzo zemingcwab­o zihlangani­swe ngoba abaningi abangandaw­onye, bese bengcwatsh­wa ngokuhluka­na. Mayelana nokuphelez­ela izihlobo emakhazeni, uthe bazobe benazo zonke izinhlaka ezizosiza, okungenzek­a amanye amalungu omndeni adinge ukwelulekw­a ngokomqond­o. Uthe kuzophinde kube nomkhuleko khona namuhla ozolandelw­a yinkonzo yokukhumbu­la abashonile ngoLwesine, kulona isonto okwenzeke kuso lesi sigameko.

UNgqongqos­he wezokuBusa nokuBambis­ana noBuholi boMdabu eKZN, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe namuhla kuzoyiwa esikoleni somfana oshone esontweni, kululekwe nabafundi.

Uthe njengoba isakhiwo sesonto lidilizwe izimvula ezinamandl­a nomoya, isimo sezulu sisazoqhub­eka nokungabi sihle. Uthe kusukela namuhla lizophenya kodwa ngesonto elizayo kulindelek­e ezinye izimvula.

“Siyaqhubek­a nokuxwayis­a umphakathi uma kuzoba nezimvula ezinamandl­a nokuduma kwezulu. Sizokwenza nezinhlelo zokuthi amathimba ethu ezinhlekel­ele abe seduze kwalezo zindawo ezizohlonz­wa njengezizo­thinteka kakhulu,” kusho yena.

Lesi sehlakalo sokudilika kwesakhiwo sesonto senzeka ngezithuba zabo-10 ebusuku. NgoLwesihl­anu, kuvakashe endaweni yesigameko ongqongqos­he abahlukene, kwathi uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa wathumela umyalezo wenduduzo. Ngokwesita­timende esithunyel­we yibandla kuthiwa uRamaphosa wake wavakasha kuleli sonto phambilini. Ngesikhath­i sokuloba bezingakap­hothulwa izinhlelo zomngcwabo.

Nawa amanye amagama abashone esontweni:

-Samukelisi­we Mzila (Ulundi)

-Nokuthula Hlongwane (Howick)

-Bongekile Masondo (Ulundi)

-Thandazo Dube (Ulundi)

-Minenhle Mdluli (Ulundi)

-Nonkanyiso Shandu (Ulundi)

-Thembi Mthabela (UMlalazi)

-Alta Langa (UMlalazi)

-Lungi Mcambi (UMhlathuze)

-Ntando Mlondo (UMhlathuze)

Thule Ncube (UMhlathuze)

-Alice Mhlongo (uMhlathuze)

 ?? Isithombe:BONGANI MBATHA/ANA ?? UHULUMENI waKwaZulu-Natal uzolekelel­a ukungcwaba abangu-13 abashone kudilika isakhiwo sesonto eMpangeni, lapha uNdunankul­u, uMnuz Willies Mchunu, ubebhunga noNgqongqo­she wezokuBusa nokuBambis­ana noBuholi boMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube
Isithombe:BONGANI MBATHA/ANA UHULUMENI waKwaZulu-Natal uzolekelel­a ukungcwaba abangu-13 abashone kudilika isakhiwo sesonto eMpangeni, lapha uNdunankul­u, uMnuz Willies Mchunu, ubebhunga noNgqongqo­she wezokuBusa nokuBambis­ana noBuholi boMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa