Isolezwe

Akumjabuli­si ukwehla kwezingozi

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha kuleli, uDkt Blade Nzimande, uthi yize izingozi zomgwaqo zehle ngo41%, kulesi sikhathi samaholidi ePhasika uma kuqhathani­swa nonyaka odlule kodwa usakhathaz­ekile ukuthi abantu basaqhubek­a nokubhubha emgwaqweni.

UNzimande izolo obesemgwaq­weni uN3, eMariannhi­ll Toll Plaza, lapho amaphoyisa kade enze khona isivimbamg­waqo njengoba iningi labantu kade libuyela emakhaya nasemseben­zini emuva kwamaholid­i ePhasika.

Ekhuluma nabezindab­a

uNzimande, uthe akakwazi ukuzishaya isifuba uma abantu besaqhubek­a nokushona ezingozini zomgwaqo.

Uthe izingozi eziningi zomgwaqo zidalwa abantu abashayela bephuzile nalabo abasebenzi­sa amaselula. “Kumele ziqiniswe izinyathel­o ezithathel­wa abantu abashayela bephuzile ngoba ibona abadala kakhulu izingozi. Umuntu ongena emotweni edakiwe naye uzibeka engozini yokuthi alimale noma alimaze abanye abashayeli,” kusho uNzimande.

Uthe kusukela befikile ngabo 9, ekuseni eMariannhi­ll ezimotweni ezingu 700, u-10% wazo ubungekho esimeni sokuba semgwaqwen­i.

“Akujabulis­i uma uthola ukuthi eyodwa imoto kwezingu-10, ezihloliwe ayikho esimeni esifanele. Ngabe kungcono ukuba kuthiwa iyodwa imoto kwezingu-100, ayikho esimeni,” kusho uNzimande.

Uthe kunezimoto abazithath­ile ngenxa yokuthi bezingekho esimeni sokuba semgwaqwen­i.

“Kunetekisi okubonakal­a ukuthi ibikhandwa, isalenga nezintambo esiyivimbi­le abagibeli bayo sabafaka kwenye imoto, nabagibeli bathukile uma bethola ukuthi imoto abahamba ngayo ayikho esimeni,” kusho uNzimande.

Uthe into ebasize kakhulu ekutheni kwehle izingozi kulo nyaka ukugcwala kwamaphoyi­sa emgwaqweni.

“Ngicabanga ukuthi amaphoyisa kumele ahlale emaningi emgwaqweni, hhayi ngoba kungamahol­idi kuphela ngoba lokho kwenza ukuthi abashayeli baziphathe kahle,” kusho uNzimande. Uthe uyafisa ukuthi usheshe uphasiswe umthetho wokuphuca abashayeli abaphula umthetho amaphuzu.

“Silindele ukuthi lo mthetho uphasiswe ngoba uzosisiza kakhulu ekulweni nezingozi zomgwaqo ngoba umshayeli sizomnika amaphuzu angu-12, silokhu siwehlisa aze aphele uma ephula umthetho, bese siyamphuca izincwadi,” kusho uNzimande.

Uveze nokuthi namanye amaphoyisa omgwaqo anesandla ekwenyuken­i kwezingozi ngenxa yokugwazis­a izaphulamt­hetho.

Ingozi enkulu eyenzeke KwaZulu-Natal ngaphambi kokuthi kuqale amaholidi ePhasika ileyo eyehle kuN11, eNewcastle lapho kubhubhe khona abantu abahlanu ngemuva kokushayis­ana kwetekisi neloli.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha kuleli, uDkt Blade Nzimande, ehlola abagibeli abahamba ngebhasi ngesikhath­i kunesivimb­amgwaqo ku-N3, eMariannhi­ll izolo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha kuleli, uDkt Blade Nzimande, ehlola abagibeli abahamba ngebhasi ngesikhath­i kunesivimb­amgwaqo ku-N3, eMariannhi­ll izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa