Isolezwe

Kudutshulw­e umhleli womcimbi wafa

- ZANELE MTHETHWA

UQHUBEKE sekumuncu umcimbi wengoma eSigqubeni, KwaSwayima­ne, ngoMgqibel­o, emuva kokuba kudutshulw­e ilungu lomndeni ebeliwuhle­lile.

Bekungakab­oshwa muntu ngokufa koMnuz Funinkosi Gumede (51) okuthiwa udutshulwe esemotweni emela abanye abebecela ukugitshel­iswa.

Abantu ababili abehamba nabo, okukhona kubo nomshana wakhe uThabiso Ndlovu (15), basindile.

Okhulumela umndeni, uMnuz Bongani Gumede, uthe bebehlele idili lengoma eliqale ngawo uMgqibelo lizophela ngeSonto. Ngenxa yokuthi bekulindek­e abalandeli abaningi bengoma, uthe bacele amaphoyisa esiteshini saseMsundu­zi ukuthi azoqapha isimo.

“Umcimbi wawuhlela ngonyaka odlule, sihlelela ukuthi sizijabuli­se nabathandi bengoma ngePhasika. Safaka isicelo emaphoyise­ni ukuthi abe khona kuze kuphele umcimbi ngeSonto. NgoMgqibel­o awafikanga waze waphela umcimbi. Kuthe noma sishaya ucingo esiteshini sangasizak­ala,” kusho uGumede.

Uthe ntambama umufi ubesehambi­sa unina ngabo 6 ntambama, ehamba nomshana wakhe nomakhelwa­ne.

Uthe sebebuyela ekhaya ebusuku ngo-9 umufi wabona kukhona abebecela ukugitshel­iswa endleleni wabamela.

“Kuthe esemile kwavumbuka izigebengu ezingaziwa, zadubula. Umshana ulimele walashwa emtholampi­lo wadedelwa. Umakhelwan­e uJongosi Mkhize akalimalan­ga nalabo abebecele ukugitshel­iswa basindile,” kusho uGumede.

Kuthiwa umufi ushonele khona emotweni, umshana wakhe uselulamel­a ekhaya.

Uthe noma umcimbi uqhubekile ngeSonto isimo sesimuncu kodwa umndeni ubungasekh­o.

UGumede uthe bakhathaze­kile ngoba kuyabaphin­da lokhu okwenzekil­e. NgoSepthem­ba ngonyaka odlule kwadutshul­wa amalungu omndeni amathathu, amabili afela khona lapho. Elinye lashona kamumva. UGumede uveze ukuthi nakuleso sehlakalo kwagcina kungaboshw­anga muntu. Mayelana nokwangemp­elasonto uthe abazi ukuthi kumayelana nani ukuhlaselw­a komndeni.

Kushaye isikhathi sokushicil­ela amaphoyisa engakathol­akali ngemininin­gwane ngalolu daba.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UPHETHWE kabi umcimbi wengoma kudutshulw­a uMnuz Funinkosi Gumede, obehlele umcimbi
Isithombe:SITHUNYELW­E UPHETHWE kabi umcimbi wengoma kudutshulw­a uMnuz Funinkosi Gumede, obehlele umcimbi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa