Isolezwe

UMboweni uphika eyokuqokwa kukaRamos

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, ukuphikile ukuthi kukhona oseqokelwe esikhundle­ni sokuhlukan­isa i-Eskom izigaba ezintathu.

Emibikweni yamaphepha­ndaba angeSonto kuthiwe isikhulu se-Absa esizophuma esikhundle­ni, uNksz Maria Ramos, “uqokelwe” lo msebenzi.

Ekhuluma nabezindab­a, uMboweni uthe bekungakaq­okwa muntu.

NgoMashi i-Eskom yathi yehluleka wukuthola uR7 billion eyayikade iwuboleke kwiChina Developmen­t Bank.

Kuvele ukuthi uhulumeni uxhase i-Eskom ngoR5 billion njengoba idinga uR17 billion.

Isazi somnotho esizimele, uMnuz Khaya Sithole, sithe kuzoba nenkinga uma kufakwa uNksz Ramos uma kubhekwa indlela isikhulu esiphezulu se-Eskom uMnuz Phakami Hadebe esahamba ngayo e-Absa.

Sithe asiboni ukuthi kuzoba nokusebenz­isana okuhle phakathi

kukaNksz Ramos noHadebe.

UNksz Natasha Mazzone, weDA uthe babonile ukuthi uMboweni uxhase i-Eskom ngoR5 billion.

“Kuyacaca ukuthi izinkinga zemali e-Eskom zisaqhubek­a. Kuyishwa ukuthi abakhokhi bentela balokhu bephose imali yabo emgodini ongagcwali owu-Eskom. Abantu bayadinga ukutshelwa iqiniso ngesimo se-Eskom ngoba kuyacaca ukuthi ayikho imali enkampanin­i kodwa uhulumeni ulokhu eyixhasa ukuze ugesi unganqanyu­lwa njengoba kuyiwa okhethweni,” kusho uNksz Mazzone.

UNobhala Jikelele weNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim, uthe kabahambis­ani nohlelo lokuhlakaz­wa kwe-Eskom ngoba kuzoqeda imisebenzi yamalungu abo.

Uthe uma kuqokwa uNksz Ramos kusho ukuthi i-Eskom izodayisel­wa abamhlophe abangeke bacabangel­e abantu abamnyama.

“Izinkampan­i zikahulume­ni kufanele zilawulwe nguye ngoba uma kufakwa oNksz Ramos bazojaha inzuzo.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa