Isolezwe

‘Izinsolo ngoMalema ngeke ziyilimaze i-EFF okhethweni’

- BONISWA MOHALE

UMHLAZIYI wepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthi izinsolo zakamuva zokuthi umholi we-EFF uMnuz Julius Malema udla imali, ngeke zibe nomthelela omubi njengoba kuyiwa okhethweni ngenyanga ezayo.

UKhumalo usho lokhu emuva kokuthi elinye ilungu le-EFF, uMnuz Zolile Xalisa, lisole uMalema ngokudla imali yeqembu nokulenza into yakhe.

UXalisa wenze lezi zinsolo encwadini yakhe ebingamakh­asi amathathu ayithumele­le i-EFF ngesonto eledlule.

Uveze ukuthi kunemali eqoqwa kumalungu e-EFF asePhalame­nde, akwiziShay­amthetho bese leyo mali yenza amaphathi emuva kwemihlang­ano yobuholi obuphezulu beqembu.

“Izinsolo ezenziwe wuXalisa noRawula (Thembinkos­i) zokuthi uMalema udla imali yeqembu nokuthi uliphethe kabi ngeke ziwenze umonakalo njengoba kuyiwa okhethweni ngoba kungenzeka ukuthi bakhulunyi­swa yinhliziyo ebuhlungu emuva kokubona ukuthi abangenang­a ohlwini lwamalungu aya ePhalamend­e. Uma zineqiniso lezi zinsolo ziyangabaz­eka ngenxa yesikhathi ezenziwa ngaso. Ngakho akulula ukuthi abantu bazikholwe,” kusho uKhumalo.

Uthe i-EFF izothola amavoti amaningi nakulokhu futhi uyibona iwudlula u-6% mhlawumbe iye lapha ku-8% kodwa ngeke ithole amavoti enele okuphatha izwe.

Isolezwe lithole ukuthi uXalisa ushiye i-EFF wayongena kwi-African Transforma­tion Movement (ATM).

Umkhulumel­i we-EFF kuzwelonke, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, uthe alikho iqiniso kokukhulun­ywa wuXalisa kodwa wenza lezi zinsolo ngoba engangenan­ga ohlwini oluya ePhalamend­e.

“Amagatsha e-EFF awamphakam­isanga yingakho engangenan­ga ohlwini lwamalungu aya ePhalamend­e. Usengena ohlwini lwabantu abathanda izikhundla abavele baqambe amanga nge-EFF uma bengaqokwa­nga amagatsha,” kusho uNdlozi. Khonamanja­lo uMnuz Jacob Lebogo uqembuleke­le kwi-EFF esuka kwi-ANC.

ULebogo ungomunye wabaholi be-ANCYL ababeseka uMalema ngesikhath­i enezinking­a ezaholela ekutheni agcine esexoshiwe kwi-ANC ngo-2012.

 ?? Isithombe: OUPA MOKOENA/AFRICAN NEWS AGENCY ?? UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, usephinde wasolwa ngokudla imali yeqembu lakhe ngelinye ilungu elilaxaze i-EFF
Isithombe: OUPA MOKOENA/AFRICAN NEWS AGENCY UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, usephinde wasolwa ngokudla imali yeqembu lakhe ngelinye ilungu elilaxaze i-EFF

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa