Isolezwe

Sekubenele abashiswa ‘yisoka’

- SILINDILE NTOMBELA

KUBENELE abathathu abangqongq­iswa nendlu belele KwaDesai ngaKwaNden­gezi ngoLwesith­athu, ngeledlule.

UNksz Sibongile Mkhwanazi, uNksz Zodwa Nkhwanazi, noMnuz Khanyisani Mpanza bagcine beshonele esibhedlel­a ngemuva kokusha nendlu.

Kusolwa uyise wengane kaNksz Mkhwanazi (Zodwa), osagcwele

amathafa ngalesi sehlo.

Kuvele ukuthi indodakazi kaZodwa eneminyaka eyisihlanu isesimeni esibucayi esibhedlel­a yize kwase kubikwe ukuthi ishonile. Kuvele nokuthi uNksz Mkhwanazi (Sibongile) ushone nengane yakhe abeyikhule­lwe.

Kuthiwa laba bashiswa ngemuva kwengxaban­o phakathi kukaZodwa nesoka lakhe.

Umfowabo wezelamani zakwaMkhwa­nazi, uMnuz Jabulani Mkhwanazi, uthe ushaqekile ngokushona kodadewabo.

“Kunzima kakhulu kuleli khaya njengamanj­e ngoba asazi nokuthi sizothatha­ni sihlangani­se nani,” kusho uMkhwanazi.

Uphinde waqiniseki­sa ukuthi odadewabo nosibali wakhe, uMpanza abashone ngemuva kwalesi sigameko.

“Empeleni umshana usimeni esibucayi egunjini labagula kakhulu esibhedlel­a,” kuqhuba uMkhwanazi.

Isolezwe lifika endaweni yesigameko kwakunephu­nga likaphethr­oli emnyango wegumbi okwakwenze­ke kulo lesi sigameko.

Owakulo muzi, uNksz Sizakele Ndlovu, wathi abashonile babelimele kakhulu bengabonak­ali ngisho ukuthi bangobani ngenkathi bephuma engunjini elalisha.

“Into engayibona ngenkathi kuvuleka umnyango inyantisa igazi. Babebucuke izikhumba bengakwazi nokuhamba, begaqa ngamadolo baze bafika emnyango balala phansi bekhala ngokushise­lwa,” kusho uNksz Ndlovu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aphansi phezulu, athungatha umsolwa.

“Amaphoyisa aphenya amacala amathathu okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala,” kusho uCol Mbele.

 ??  ?? UNKSZ Sanelisiwe Dube noNksz Nana Ndlovu nesiklabhu nevawusha yegilosa abakuwine kwiSolezwe
UNKSZ Sanelisiwe Dube noNksz Nana Ndlovu nesiklabhu nevawusha yegilosa abakuwine kwiSolezwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa