Isolezwe

Impelasont­o yePhasika ibe muncu emakholwen­i

-

NGEPHASIKA kuvame ukuthi kubatshazw­e isibalo sabantu abashona ezingozini zomgwaqo eNingizimu Afrika ngoba njengesikh­athi samaholidi kaKhisimuz­i siba phezulu isibalo sezingozi yingakho isandla samaphoyis­a siqina kakhulu ngalesi sikhathi emgwaqweni.

Kodwa leli Phasika lidlula nje izwe nomhlaba lisathuthu­mela ngenxa yezigameko ezingavami­le ezidlule nemiphefum­ulo yenqwaba yabantu.

Lapha eNingizimu Afrika kushone abangu-13 ebandleni iPentecost­al Holiness Church, eDlangubo, ngoLwesine ebusuku ngesikhath­i kubhidlika uphahla lwesonto abazalwane belele.

Bangaphezu­dlwana kwabangu-20 abalimalil­e baphuthuny­iswa esibhedlel­a esiseduzan­e. Kuthiwa uphahla lubhidlizw­e wukuhlasel­a kwemvula enamandla ebilokhu iyishaye njalo phesheya koThukela.

Le nhlekelele iphoqe ukuthi abazalwane baleli bandla bangabe besaqhubek­a nezinkonzo zePhasika, bagodukisw­a.

Kuthe izwe lisakhunge­thwe yilesi sehlo, ngeSonto lwePhasika okuwusuku amaKristu asuke ekhumbula ngalo ukuvuka kukaJesu, kwavela ukuthi kuhlaselwe ngamabhomu kanyekanye amasonto amathathu namahhotel­a omntakaban­i amahlanu eSri Lanka.

Izolo isibalo sabantu obesekuqin­isekisiwe ukuthi bashonile kulesi sibhicongo besimi ku-290 kanti abalimele bebengaphe­zu kuka-500.

Nakuba lingekho iqembu labashokob­ezi ebeselivez­e ukuthi yilona elihlasele kodwa bese kukhona abangu-24 ababoshiwe.

Lezi zigameko zisho ukuthi impelasont­o yePhasika ibe ngemuncu kakhulu emakholwen­i.

Inhlekelel­e yaseDlangu­bo isisukunye­lwe wuhulumeni wesifundaz­we KwaZulu-Natal nokuyinto encomekayo ngoba sithemba ukuthi uphenyo luzojula futhi lusheshe luveze ukuthi imbangela kube yiyona ngempela imvula noma kukhona okunye okudinga ukulungisw­a.

Into emqoka ukuthi kuhlale obala konke ukuze isibhicong­o esifana nalesi singaphind­e senzeke.

Imindeni nezihlobo zabo bonke abashonile kulezi zinhlekele­le engathi ingaduduze­ka ngalesi sikhathi esinzima esesizokwe­nza njalo isikhathi sePhasika sibakhumbu­ze ubuhlungu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa