Bahubhuza amanga abaqashi ngabashayeli bangaphandle
MHLELI: Ngicela ukuloba mayelana nokuthola umsebenzi uma ungowaseNingizimu Afrika. Kuzogcina kunzima ngoba abaqashi sebehlangene bonke kuleli, baxoxa ukuthi kumele baqashe abantu bakwamanye amazwe ukuze babakhokhele imali encane.
Sonke siyazi ukuthi imali yethu iRandi inamandla okusho ukuthi kubona uR100 wenza omkhulu umehluko ngakubo. Kanti lapha uR100 wanela u-10kg welayisi nje nakhona leli elibiza kancane. Bona ngakubo kuphuma isaka lempuphu nelayisi ngaphezulu, yingakho bekwazi ukusebenzela uR500 ngesonto ngoba bayakwazi ukuthumela emakhaya ifike yenze umehluko. Ngokwami abaqashi baqhatha abantu bakuleli nabakwamanye amazwe. Kazi uhulumeni yini emenza athule yize esebonile abantu bakuleli bengaqashwa, kuqashwa abokufika noma kuyamchaza lokho yena yikho ethule?
Uma abaqashi nohulumeni besenza kanjena inzondo ebhekiswe kubantu bakwamanye amazwe kayikazuphela.
Ngizwe inhlangano emele abaqashi bamaloli ithi abokufika bawochwepheshe ekushayeleni ukudlula abaseNingizimu Afrika. Ngivele ngamangala njengoba beshayisa mihla namalanga.
EGoli ngala amaloli adonsa izinqola ezinamakhonteyna bahlulwa ngisho ukuhlehlisa iloli elidonsa inqola eyodwa, kuba umzukuzuku lize linqume kabili emgwaqweni kube yindaba kodwa kuthiwa bawompetha.
Mina ngingasho ngiqinise ukuthi bahubhuza aluhlaza amanga. Uma bethi bawochwepheshe ekushayeleni kuphela bona babathandela ukubanika amakinati. Uma uhulumeni engake angene emiphakathini eyahlukene, uyobuya edelile ngoba akekho owangaphandle ohola uR6 000. Bonke badonsa koR5 000 kuya phansi. Lokho siyakwazi sithule siyabuka nje. Uhulumeni wethu wazi ukuthi asivote nje, ukuthi sibhekene nabuphi ubunzima eNingizimu Afrika akanandaba.
Angithi njengoba sizovota sizombeka phezulu ukuthi adle kahle nomndeni wakhe, yikho engenandaba nathi. Ukube kuya ngami ngabe ngithi asingavoti sonke ngoMeyi 8. Akuvote abokufika laba uhulumeni ahlale ebavikela abazisayo ababaqashayo ngoba ngempela thina asiyilutho ezweni lethu. Wonke umuntu uyazixhaphazela nje lapha kithina.
Muva nje sekuthiwa asikwazi ukushayela, kazi bona bayakwazi yini ukushayela? Nabo abaseNingizimu Afrika ngokwami bese kufanele sinike uhulumeni isifundo sokuthi azi ukuthi nathi singabakuleli, sinengqondo ngoba yena ukholelwa ekutheni siyizilwane nje ozikhomba lapho uthanda khona. Usazi uma sekumele kuvotwe emuva kokhetho uzosithumela amaphoyisa azosishaya esithathele nemali yethu.
Emahostela sifunwa nezibhamu esingazazi, sengaze ngaphuma ehostela ngoba ngibona ngisebenzela emuva, ngiyashaywa ngilahlekelwe imali yami engiyibekele izingane zami. Enjalo nje la maphoyisa ayazifihla, wathi nyaka nje yimpama. Kunzima ukuba owaseNingizimu Afrika. Abantu abazi, lapha singabantu uma kuzovotwa kuphela emva kwalokho siyizingulube zaku-Animal Farm. Emva kokuxoshwa kukaMnuz Jones zaholwa uNapoleon owayenza izinto ngokuthanda kwakhe. UNapoleon ngimfanisa neqembu elibusayo elidlala ngabantu ngoba liyazi bazothi Viva ANC kwazise abantu abaningi ubezwa bethi siwuMkhonto Wesizwe thina, ukuthi baphila kanjani emva kwalokho akanandaba, okwabo ukuthi Viva Comrade.
Uyabona umuntu omnyama uma elele awusoze wamvusa, ulala unomphela ngokomqondo. Ukube sithi kasisavoti ngoba singabahlali awukho umehluko, bazosikhohlisa ngemxhaso, imfundo yamahhala nempesheni kube sengathi kukhona abasenzela khona abaholi kanti lezo mali ziyikota emalini yentela esiyikhokhayo. Imali eningi isala ngakubona bayayidla yingakho sinuka phu inkohlakalo. Ubona abokufika bagcwele kuleli nje bacela ngabo imali emazweni angaphandle kube sengathi siyizwe elinomusa kanti benzela ukudla leyo imali ezizoqhamuka ngaphandle. Ngolokhu ngasho ngithi lukhulu luyeza luyanyelela eNingizimu Afrika. Okubuhlungu laba baholi abenza lokhu bayobe sebafa bonke sekufika usizi. Bona kumanje baqalile babekela izingane nezizukulwane zabo imali yosizi oluzayo ngoba bayazi nabo ukuthi kukhona isikhathi esinzima esizayo.
Mina anginanxa nabokufika kodwa ababe khona ngendlela eqondile, babe nezimvume zokuba kuleli. Akungabi yikwampunzi edla emini bayangena bayaphuma nje bona kodwa thina uma siya emazweni sifunwa izimvume. Kunzima kuleli lizwe esilakhele. Kungcono ukuba ngowaseBotswana akudlalelwa lapho, yonke into yakhona iqondile. Thanda Chonco EMPANGENI