Isolezwe

Bahubhuza amanga abaqashi ngabashaye­li bangaphand­le

-

MHLELI: Ngicela ukuloba mayelana nokuthola umsebenzi uma ungowaseNi­ngizimu Afrika. Kuzogcina kunzima ngoba abaqashi sebehlange­ne bonke kuleli, baxoxa ukuthi kumele baqashe abantu bakwamanye amazwe ukuze babakhokhe­le imali encane.

Sonke siyazi ukuthi imali yethu iRandi inamandla okusho ukuthi kubona uR100 wenza omkhulu umehluko ngakubo. Kanti lapha uR100 wanela u-10kg welayisi nje nakhona leli elibiza kancane. Bona ngakubo kuphuma isaka lempuphu nelayisi ngaphezulu, yingakho bekwazi ukusebenze­la uR500 ngesonto ngoba bayakwazi ukuthumela emakhaya ifike yenze umehluko. Ngokwami abaqashi baqhatha abantu bakuleli nabakwaman­ye amazwe. Kazi uhulumeni yini emenza athule yize esebonile abantu bakuleli bengaqashw­a, kuqashwa abokufika noma kuyamchaza lokho yena yikho ethule?

Uma abaqashi nohulumeni besenza kanjena inzondo ebhekiswe kubantu bakwamanye amazwe kayikazuph­ela.

Ngizwe inhlangano emele abaqashi bamaloli ithi abokufika bawochweph­eshe ekushayele­ni ukudlula abaseNingi­zimu Afrika. Ngivele ngamangala njengoba beshayisa mihla namalanga.

EGoli ngala amaloli adonsa izinqola ezinamakho­nteyna bahlulwa ngisho ukuhlehlis­a iloli elidonsa inqola eyodwa, kuba umzukuzuku lize linqume kabili emgwaqweni kube yindaba kodwa kuthiwa bawompetha.

Mina ngingasho ngiqinise ukuthi bahubhuza aluhlaza amanga. Uma bethi bawochweph­eshe ekushayele­ni kuphela bona babathande­la ukubanika amakinati. Uma uhulumeni engake angene emiphakath­ini eyahlukene, uyobuya edelile ngoba akekho owangaphan­dle ohola uR6 000. Bonke badonsa koR5 000 kuya phansi. Lokho siyakwazi sithule siyabuka nje. Uhulumeni wethu wazi ukuthi asivote nje, ukuthi sibhekene nabuphi ubunzima eNingizimu Afrika akanandaba.

Angithi njengoba sizovota sizombeka phezulu ukuthi adle kahle nomndeni wakhe, yikho engenandab­a nathi. Ukube kuya ngami ngabe ngithi asingavoti sonke ngoMeyi 8. Akuvote abokufika laba uhulumeni ahlale ebavikela abazisayo ababaqasha­yo ngoba ngempela thina asiyilutho ezweni lethu. Wonke umuntu uyazixhaph­azela nje lapha kithina.

Muva nje sekuthiwa asikwazi ukushayela, kazi bona bayakwazi yini ukushayela? Nabo abaseNingi­zimu Afrika ngokwami bese kufanele sinike uhulumeni isifundo sokuthi azi ukuthi nathi singabakul­eli, sinengqond­o ngoba yena ukholelwa ekutheni siyizilwan­e nje ozikhomba lapho uthanda khona. Usazi uma sekumele kuvotwe emuva kokhetho uzosithume­la amaphoyisa azosishaya esithathel­e nemali yethu.

Emahostela sifunwa nezibhamu esingazazi, sengaze ngaphuma ehostela ngoba ngibona ngisebenze­la emuva, ngiyashayw­a ngilahleke­lwe imali yami engiyibeke­le izingane zami. Enjalo nje la maphoyisa ayazifihla, wathi nyaka nje yimpama. Kunzima ukuba owaseNingi­zimu Afrika. Abantu abazi, lapha singabantu uma kuzovotwa kuphela emva kwalokho siyizingul­ube zaku-Animal Farm. Emva kokuxoshwa kukaMnuz Jones zaholwa uNapoleon owayenza izinto ngokuthand­a kwakhe. UNapoleon ngimfanisa neqembu elibusayo elidlala ngabantu ngoba liyazi bazothi Viva ANC kwazise abantu abaningi ubezwa bethi siwuMkhont­o Wesizwe thina, ukuthi baphila kanjani emva kwalokho akanandaba, okwabo ukuthi Viva Comrade.

Uyabona umuntu omnyama uma elele awusoze wamvusa, ulala unomphela ngokomqond­o. Ukube sithi kasisavoti ngoba singabahla­li awukho umehluko, bazosikhoh­lisa ngemxhaso, imfundo yamahhala nempesheni kube sengathi kukhona abasenzela khona abaholi kanti lezo mali ziyikota emalini yentela esiyikhokh­ayo. Imali eningi isala ngakubona bayayidla yingakho sinuka phu inkohlakal­o. Ubona abokufika bagcwele kuleli nje bacela ngabo imali emazweni angaphandl­e kube sengathi siyizwe elinomusa kanti benzela ukudla leyo imali ezizoqhamu­ka ngaphandle. Ngolokhu ngasho ngithi lukhulu luyeza luyanyelel­a eNingizimu Afrika. Okubuhlung­u laba baholi abenza lokhu bayobe sebafa bonke sekufika usizi. Bona kumanje baqalile babekela izingane nezizukulw­ane zabo imali yosizi oluzayo ngoba bayazi nabo ukuthi kukhona isikhathi esinzima esizayo.

Mina anginanxa nabokufika kodwa ababe khona ngendlela eqondile, babe nezimvume zokuba kuleli. Akungabi yikwampunz­i edla emini bayangena bayaphuma nje bona kodwa thina uma siya emazweni sifunwa izimvume. Kunzima kuleli lizwe esilakhele. Kungcono ukuba ngowaseBot­swana akudlalelw­a lapho, yonke into yakhona iqondile. Thanda Chonco EMPANGENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa