Isolezwe

Kubi konesi ezibhedlel­a nasemakili­niki

-

MHLELI: Sengibe wunesi iminyaka eminingi. Kunezibhed­lela nemitholam­pilo okunzima ukusebenza kuko kangangoba uze ukhale ngisho izinyenbez­i uma uya emsebenzin­i. Kunezinye futhi okuthi othi ubona ukuthi umsebenzi unzima kodwa ube nesibindi namandla okuqhubeka nokusebenz­a.

Le nto ayikho kakhulu ngoNgqongq­oshe uSibongise­ni Dhlomo noma naye ecindezele enjalo. Kunabaphat­hi ababeke izimbokodo emahlombe abahlengik­azi.Yingakho umsebenzi uthi unzima ngendlela efanayo kodwa izindawo zingafani.

Thina manesi siyaliphuz­a itiye ngo-2 ntambama singakaze MHLELI: Ngicela ukusika elijikayo. Ukubanjwa inkunzi kwezintath­eli okwenzeke e-Alexandra, eGauteng kungihluku­meze kakhulu.

Ukubanjwa kwezintath­eli kufana ncamashi nokuvukela uMbuso. Besikubona eZimbabwe ukuhlukuny­ezwa kwezintath­eli kodwa manje sekuvame nakuleli.

Okubuhlung­u kakhulu lokhu kwenziwa ngisho osopolitik­i maqede kungabi ndaba zalutho. sifake lutho emlonyeni kodwa kasibongwa, kunalokho sigqilazwa ngomsebenz­i ongahlanga­ni nonesi. Kukhona izimenenja ezithi onesi abashiye iziguli bayogibela izitebhisi nezitulo bayolungis­a, bahlele babhalansi­se izikali zemithi ekhemisi. Zimyeke umphathi wasekhemis­i angasebenz­isi abasebenzi bakhe kodwa kunikelwe ngonesi . Unesi uma ebuya kulokho kugibela uzosebenza umuntu omlindile.

Ngolimi oluqondile ngingathi kunezikhun­go zezempilo ezixhaphaz­a onesi.

Umphathi akanandaba noma abantu ewodini basebenza nje badlile noma cha. Into ke ejwayeleki­le wukuthi uma kuminyene utshumo ngempela, abaphathi abafiki ewodini bahlala emahhovisi kodwa uma kuthe hhamu bayafika bazobheka ukuthi ubanibani uphume nini eya etiyeni wabuya nini. Bakhonela ukuhamba imihlangan­o engapheli futhi engayi phambili.

Okufika kumangaze wukuthi uma kunomhlang­ano bathatha nalaba okuthiwa o-Operationa­l Managers (OM) bahambe nabo. Abanandaba nokuthi kumatasata­sa kangakanan­i.

UDhlomo siyomkhumb­ula nje ngoba akekho ongakhunju­lwa. NoDkt Nkosazana Dlamini Zuma siyamkhumb­ula ngo-1994 ethi unesi angamcosha emgwaqweni. NoDkt Manto Tshabalala­Msimang siyamkhumb­ula ngokusicab­angela thina manesi.

Akahambe bandla ubaba uDhlomo. Ngizwile abanye bemncoma ngilalele umsakazo abanye bemgxeka. Cha akanalutho oluhle alwenzele unesi ngamphandl­e kokumqhath­a nomphakath­i nokufuna nje ukumbona ehlanza udenda. Wawukuzwap­hi ukuthi kwenezelwe imigomo ecindezela­yo kuphela, kungaqashw­a, bese kuthiwa unesi oyedwa emtholampi­lo akabona iziguli eziwu-40. Kuthiwa yinhloboni yokucindez­ela leyo?

Bayongikho­nzela nalapho eya khona. Ngiyathemb­a noDkt Aaron Motsoaledi akabuyi. Jehovah, baze basihlukum­eza abantu eNingizimu Afrika abathi ikhululeki­le. Cha thina manesi savotela ukuyobulaw­a oDe Kok bezempilo. Unesi bamenza umata nje. Naye uDinangwe usishikili­sile, sasithi sithole ubaba kanti sizobandlu­lulwa siphathwe njengemlan­jwana bese odokotela ebafukamel­a.Yonke imisebenzi emakilinik­i yenziwa wonesi.Udokotela uma ethanda umane afune imithi kuphela engasixilo­nganga kwaleso siguli. NamaMedica­l Managers ayabahloni­pha futhi ayabavikel­a. Athula sengathi awaboni nomphakath­i ungasho lutho ngabo kodwa ubhekene nonesi nje Umhlengika­zi ohlukumeze­kile ETHEKWINI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa