Isolezwe

Nakekela isitho sangasese ngendlela

- ZANELE MTHETHWA

KUNINGI okungadala ukuthikame­zeka kwesitho sangasese kwabesifaz­ane uma singanakek­elwa ngendlela efanele. Ukuncinza, ukulunywa nokushisa komchamo, ezinye zezinkinga ezijwayele ukuhlasela abesifazan­e esithweni sangasese. Kuthiwa ngokwemvel­o lena yindawo ezwelayo, okumele inakekelwe.

Inkampani yemikhiqiz­o yabesifaza­ne iLiv Feminine Care, inikeza amathiphu kwabesifaz­ane. Isitatimen­de esikhiphil­e sithi abesifazan­e bayazinaka isikhumba, bazivocavo­ce kodwa abajwayele ukunakekel­a isitho sangasese. Bathi ukuzinakek­ela kungagwema nezifo ezitholaka­la ngokuya ocansini nezihloben­e nomchamo. Bagcizelel­a nokuthi ezinye izinkinga zingadala nephunga elibi esithweni sangasese uma singanakwa. NgokweLiv Feminine Care, insipho akumele isetshenzi­swe ukugeza isitho sangasese. Kuthiwa insipho noma ngabe iyiphi inhlobo, ingadala ukuluma, ukuncinzwa nokuvuvuka­la. UDkt Lauren Streicher, ungoti owelapha izifo zabesifaza­ne, uthe ukusebenzi­sa insipho kungadala ngisho iphunga nokulunywa. Uthe isitho sangasese asiyidingi insipho ngoba inamakhemi­khali angalungil­e. Uncoma ukuthi kusetshenz­iswe okungenawo amakhemikh­ali ukugeza isitho sangasese.

Udokotela ukhuthaza nokuthi le ndawo ishayiswe ngomoya ngoba kujwayele ukucasha kuyo amagciwane kalula. Uthe kubaluleki­le ukushintsh­a njalo izimpahla zangaphans­i, ezokujima nezokubhuk­uda. Kuthiwa umjuluko nawo ungadala inkinga.

Kumele kusetshenz­iswe imikhiqizo eyenziwe ngamanzi uma ufuna ukugcoba isitho sangasese ngaphambi kokuya ocansini. Kuyasiza nokuyoshob­inga uma uqeda ukuya ocansini ukugwema izifo esithweni sangasese.

Ongoti bakhuthaza ukuthi usheshe ubone udokotela uma kukhona noma yikuphi ongakuqond­i kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa