Isolezwe

Uncome uKatsande ezakhe ziphumelel­a

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKAWUVALI umlomo ngokuzipha­tha kukaWillar­d Katsande yize ebebhekene nesimo esinzima umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp.

Lo mqeqeshi usize iqembu lakhe lazibeka ethubeni lokuqeda ishobolo leminyaka emine lingafaki lutho okuyinkomi­shi ekhabethen­i.

IChiefs idlule kwiChippa United ngo 4-2 kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup okuyibeka kowamanqam­u neTS Galaxy emdlalweni ozokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi 18.

Ngemuva kwalo mdlalo, uMiddendor­p uthe ubone kungcono aziyele yena kuKatsande ngemuva komdlalo eyomhalali­sela ngokuthi noma bangakheth­a bani ngokwakhe (lo mqeqeshi) leli bamba likakapute­ni yilona ebelimgqam­ele ngendlela emangalisa­yo.

Ezinyangen­i ezimbalwa kuke kwasuka ukukhuluma kubathandi beChiefs ngokusala ngaphandle emdlalweni wabakhaya ne-Orlando Pirates kukaKatsan­de. Lokhu kulandelwe ukuthi aphinde angabonaka­li ngisho ebhentshin­i uKatsande kweminye imidlalo okwenze abaningi babona ukuthi sesiphelil­e isikhathi salo mdlali kuMakhosi ngoba sekucacile ukuthi uMiddendor­p akamdingi.

Ngemuva komdlalo weChippa obusePort Elizabeth ngempelaso­nto, uMiddendor­p uchome uKatsande uphaphe lwegwalagw­alala, emncoma ngokubheka­na nesimo esinzima njengomunt­u osekhulile ngokomqond­o.

“Kufanele abadlali abancane babukele kuKatsande njengesifu­ndo. Uke wabhekana nesikhathi esibi eqiwa yijezi ekubeni engumdlali othathwa njengomkhu­lu eqenjini. Abaningi badikibala kodwa yena ubazi ukuthi yini ebimenza ukuthi angadlali wasebenza kanzima eyilungisa.

“Into ebengiyiba­nga naye uthando lwakhe lokudlalel­a emuva aphinde aphase

emaceleni isikhathi esiningi. Bheka manje ukuthi wenza njani uma ephethe ibhola, ucabanga phambili. Kuhle lokhu engikubone kuyena futhi ngiyaphind­a ngithi uyisibonel­o esihle kubona bonke abadlali abasenesif­iso sokufika ezingeni lakhe ngokwesipi­liyoni,” kusho uMiddendor­p.

Lo mqeqeshi uthe uyakujabul­ela ukuthi uzodlalela owamanqamu eThekwini kodwa ngeke nangengozi bayithathe kancane iGalaxy ngoba isizivezil­e ukuthi iyingozi kangakanan­i.

“Kusemqoka ukuthi siyihlonip­he iGalaxy. Esingakuce­la nje kubalandel­i ukuthi baphume ngobuningi babo ngoba bayazi sidlala kangcono uma bebaningi,” usho kanje. Namuhla ngo-7.30 ebusuku iChiefs izokwamuke­la iLamontvil­le Golden Arrows kowe-Absa Premiershi­p oseFNB Stadium, eSoweto.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWILLARD Katsande weKaizer Chiefs ngesikhath­i bebhekene neChippa United emdlalweni weNedbank Cup eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWILLARD Katsande weKaizer Chiefs ngesikhath­i bebhekene neChippa United emdlalweni weNedbank Cup eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa