Isolezwe

Bazonika iGalaxy ithuba lokuziveza

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUHAMBE ngokwezisi­fo zomqeqeshi weTS Galaxy, uDaniel “Dan Dance” Malesela ehlangana neKaizer Chiefs kowamanqam­u weNedbank Cup ngoba ubona ukuthi (iChiefs) iyona ezobanika ithuba elingcono lokuzikhan­gisa kubathandi bebhola kuleli nangaphand­le.

UMalesela ubebuzwe ungakadlal­i oweChippa United neChiefs ukuthi yiliphi iqembu angakujabu­lela ukubhekana nalo kowamanqam­u phakathi kwabaqashi bakhe abadala neChiefs. Nakuba ebengazimi­sele ngokuphume­la obala kodwa ugcine ebhobokile ngokuthi ukubhekana neChippa kungamhlab­a umxhwele kodwa iChiefs iyona engcono uma bezimisele ngokubeka iGalaxy ebalazweni.

“Ngeke ngizikheth­ele

ukuthi ubani engithanda ukubhekana naye kodwa iqiniso ukuthi iChippa kuzongihla­ba umxhwele ukubhekana nayo kwazise sengike ngasebenza kuyona kodwa iChiefs iyona engcono. Ngithi iChiefs ingcono ngoba yona izoheha abantu abaningi okuzobe kuchaza ukuthi sinethuba lokuqhubek­a siziveze phambi kwabantu abaningi. Esikwenze kwi-Arrows namuhla kuyisikhan­giso esihle ngebhola lethu. Kuyisikhan­giso esihle ngalaba badlali (okungekho noyedwa kubona owangaphan­dle), kuhle lokhu nangegama lami njengomqeq­eshi,” uqhube kanje uMalesela.

Kumphathe kabi ukujaha kwezakhe ibhola esiwombeni sokuqala ngoba uyena ojwayele ukwenza lokho kwamanye amaqembu kodwa uneme ngendlela okulunge ngayo esiwombeni sesibili.

“Esiwombeni sesibili nangesikha­thi esengeziwe bese sibabambe lapho bebancane ngakhona. Bese bekhathele. Bebengeke nokho bangakhath­ali ngoba sibalandel­ise ibhola isikhathi eside impela. Yebo sibe nenhlanhla yokuthola igoli ngasekugci­neni okube ilapho ngaze khona ukuthi sizonqoba ngoba bese sibakhatha­ze kakhulu.”

Ngokusho kukaDan Dance, bazoyibhek­isisa kahle indlela abasebenzi­sa ngayo abadlali ngoba sebebheke umdlalo wamanqamu ngoMeyi 18 kwazise ngeke besaba yingxenye yemidlalo yokuhlunga.

“Kusukela manje bazoshints­hana kakhulu abadlali yize kungeyona indlela engithanda ngayo ukwenza izinto. Kusemqoka ukuthi sijabule kodwa sikhumbule ukuthi sinomdlalo eKapa ngoLwesith­athu. Ngeke siwujimele lowo mdlalo kodwa iwona osezingqon­dweni zethu, hhayi owamanqamu.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa