Baphithene amakhanda kwebiwa ezikoleni
SEKUQUBUKE uvalo ngokuhlaselwa kwezikole ezinamakhompyutha njengoba sekugqekezwe ezintathu esikhathini esingaphansi kwesonto KwaZulu-Natal.
Kwebiwe amakhompyutha angu-17 eMqhawe High eNanda kuleli sonto, okumanje othisha baxakekile ukuthi zizoqhubeka kanjani izifundo.
Uthishanhloko, uMnuz Sipho Mthembu, uthe usaphithene ikhanda njengoba amanye amakhompyutha antshontshwe ngoMsombuluko abesanda kuthengwa.
“Kugqekezwe ehhovisi lami kwathathwa amakhompyutha angu-17 namaTablet angu17. Ngenhlanhla bese kuqediwe ukubhalwa kwezivivinyo kodwa asazi sizokwenzenjani ngoba nokubhala kokuphela konyaka sekusondele. Sizoba nengcindezi enkulu njengoba kunezifundo ezifundwa ngamakhompyutha,” echaza.
Kwesinye isikole esisondelene noMqhawe, iMandosi Combined, nakhona kukhalwa esifanayo. Isolezwe lithole ukuthi kugqekezwe ngoLwesine olwedlule kulesi sikole, nakhona kwathathwa amakhompyutha esingatholakalanga isibalo sawo.
UMthembu uthe othisha baseMandosi bebesacele ukuthi bazoncika kubo basebenzise amakhompyutha, bengazi ukuthi naseMqhawe bazontshontshelwa kuleli sonto.
Kwenzeka lokhu nje ngoMgqibelo kwebiwe amakhompyutha angu-19 nama-laptop ayisihlanu kugqekezwa eZwelibanzi High eMlaza. Kusolwa ukuthi izigebengu zingene ngewindi egunjini okwenzelwa kulo izifundo zamakhompyutha. Kulezi zikole ezigqekeziwe kukhalwa ngokuthi akuphephile ngoba abekho onogada abaqeqeshiwe abagada usuku lonke. NgoLwesibili uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, wethule uhlelo lwezokuphepha ezikoleni. Kulolu hlelo kuzotshalwa amavolontiya angu-1 500 azoqeqeshelwa ukugada izikole.
UMshengu uthe uhlelo luzosabalala kuzo zonke izifundazwe.
Oyilungu le-IFP eSishayamthetho KwaZuluNatal, uNkk Thembeni KaMadlopha Mthethwa, uthe namanje basagcizelela ekutheni kumele zonke izikole zifakwe amakhamera nonogada abaqeqeshiwe ukuze kuphephe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kwethulwa uhlelo lokuphepha ezikoleni ngenxa yezigameko ezifana nalezi. Unxuse umphakathi ukuthi ubambisane nabo kulolu hlelo, uyeke ukuthenga izimpahla ezintshontshiwe. BHEKA UMBONO EKHASINI 22