Bafuna kungenelele uhulumeni bexoshwa
UMNDENI wakwaGumede okhishwe epulazini obuhlala kulo ufuna kungenele uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kwezaseMakhaya uNkk Bongi Sithole-Moloi.
NgoMsombuluko lo mndeni ubuhleli emahhovisi kaMasipala eMshwathi ngoba ungazi ukuthi uzoshonaphi.
UMnuz Bonginkosi Gumede oyindodana endala yakwaGumede, uthe umnikazi wepulazi ufike namaphoyisa esebatshela ukuthi abahambe.
“Ezinyangeni ezintathu ezidlule umnikazi wepulazi esihlala kulo wanqamula ucingo oluhlukanisa ipulazi nekhaya lethu. Elinye ilungu lomndeni lashisa izimoba zomnikazi wepulazi ngenxa yokudinwa. Kuyimanje lihamba icala ngalolo daba. Namhlanje (NgoMsombuluko) kufike umnikazi wepulazi ehamba namaphoyisa wathi unencwadi yasenkantolo egunyaza ukuthi asikhiphe. Asivunyelwanga ngisho ukuthi sithathe izimpahla zethu, kuvele kwathiwa asihambe.
“Sifuna kungenelele uNgqongqoshe wezoLimo ngoba sishiye imfuyo yethu, izimpahla zokugqoka nefenisha, kwathiwa asiphume siphele epulazini. Abazali babesebenza epulazini kodwa manje akusasebenzi muntu epulazini, sihleli kulo muzi.”
Uthe bathathiwe bahlaliswa emahhovisi kaMasipala waseMshwathi ngethemba lokuthi bazosizakala.
Imizamo yokuzwa uvo lukaMasipala waseMshwathi ayiphumelelanga, abasebenza khona bathe obhekele ezokuxhumana usayofunda eGoli.
UMnuz Mack Makhathini obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kwezaseMakhaya eKZN, uthe ungqongqoshe ubengakezwa ngokuxoshwa komndeni wakwaGumede epulazini kodwa uzoxhumana nabasebenzi bomnyango abaseMshwathi ukuze angenele ngokushesha.
Imizamo yokuthola umnikazi wepulazi ayiphumelelanga ngoba inamba obekuthiwa ngeyakhe ibingena komunye umuntu.