Ufisa ukuhlangana nabamlimaza abaxolele
UFISA ukuhlangana nezigebengu ezamdubula ebanjwa inkunzi nokwaholela ekukhubazekeni kwakhe usonhlalakahle waseBizana e-Eastern Cape.
UMnuz Siphamandla Mtsolo (34) osengumbhali wezincwadi, utshele Isolezwe ukuthi yize kade abaxolela abamgila, uyafisa ukubabona ubuso nobuso. Lesi sehlakalo esenzeka ngo-Agasti 2005, samlalisa esibhedlela iminyaka emine uMtsolo njengoba adutshulwa kwalimala umgogodla.
“Yize sengixolile kodwa akuphelele ngoba angazi ukuthi ngixolela bani. Ngingafisa ukubonana nabo ubuso nobuso abangilimaza, ngibatshele ukuthi bangimosha kodwa ngibaxolele. Kwathatha isikhathi ukuthi ngamukele isimo sami futhi ngangifisa nokubabona ngibadle ngamazinyo kodwa sengifisa ukubabona, ngixolile,” echaza.
UMtsolo abangani bakhe abambiza ngoChairpeson, usanda kukhipha incwadi ethi Journey of the Chairperson. Echaza ngesigameko esamehlela, uthe wayesanda kuphothula u-matric e-Eastern Cape ngo-2004, waqoka ukuzofuna umsebenzi eThekwini ukuze aqongelele imali yokufunda. Wahlaselwa ngabalisa ababili bembamba inkunzi bamphuca iselula maqede bamdubula. Isimo sakhe saba nzima kakhulu njengoba ahlala iminyaka emine isibhedlela engakwazi nokuzenzela izinto. Uthe wayengakaze acabange ukuba ngusonhlalakahle kodwa uthando lwenziwa ukunakekelwa kwakhe esibhedlela eRK Khan eThekwini. Uthe wabona indlela ayenesineke ngayo omunye wosonhlalakahle bakhona uNkk Cassandra Moodley, okwenza naye wanothando lwalo msebenzi.
UMtsolo uthe akubanga lula ukufunda esephuma esibhedlela ngoba ubengakwazi ukubhala ngepeni kodwa esebenzisa ikhompyutha kuphela.
Ugqozi lokubuyela enyuvesi waluthola emuva kokuvakashelwa esibhedlela ngamadoda ayethunywe nguMfundisi Eddie Ngonelo ongasekho.
Wagcina ejoyina ibandla lakhe i-Act of Obedience Ministries, waphuma esibhedlela waqonda enyuvesi. Kumanje uneziqu zeBachelor of Social Work nezeMaster’s azithola e-University of KwaZulu-Natal. Uthe akaqedile ukufunda yize engeke adalule izinhlelo zakhe okwamanje. Uveze nokuthi usezinhlelweni zokubhala enye incwadi. “Bekungeke kungisize ukunamathela esigamekweni esibi esangehlela. Ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ukuthatha isimo esibi, aveze okuhle kuso. Asikho nesidingo sokuzonda abangilimaza ngoba ngeke kusashintsha lutho,” kusho yena.