Intela ithathwa ngisho usushonile
UMA uzitshela ukuthi ngeke uyikhokhe intela uma usushonile, kumele ucabangisise ngoba yonke imali oyenze usaphila izoba inentela okusho ukuthi uma uhlela izindaba zakho zamafa kufanele ubhekele nezindaba zentela.
UNkk Anica Ungerer, ongoMqondisi wezindaba zamafa nempahla yabantu asebeshonile eMazars, uthe abantu ababhalisela amafa kuleli sonto elibizwa ngeNational Wills Week kufanele bakhumbule ukuthi kunentela okufanele bayibhale, okubalwa edonswa emholweni womuntu.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uNkk Ungerer, uthe uma umuntu eshona labo abasuke bebhekele izindaba zakhe baye babheke ukuthi ubeyikhokha kahle yini intela bese bethumela imininingwane yakhe kwaSars.
Ababhekele izindaba zomuntu oseshonile bakwazi ukusho ukuthi ubenamalini uma zonke izindaba zakhe zentela seziphothulwe wuSars.
Uthe ngaphambi kukaMashi 16 abantu bebengaphoqelekile ukuthi bahambise imininingwane kamufi kwaSars kodwa emuva kokuthi abawaSars bebone ukuthi balahlekelwa yimali eningi baye bathi abantu ababhekele izimali zoshonile kufanele bayokhokhela intela yakhe.
Emuva kwalokho babhalise konke okwakhe kabusha ngoba izimali zoshonile nazo kufanele zikhokhe intela kwazise uma enempahla engenisa imali, iyayingenisa noma eseshonile.
Okwesibili, uNkk Ungerer athe kufanele abantu bakubheke, yiCapital Gains Tax efakwa kwimizi, amasheya nama-unit trusts.
Uthe abantu kufanele bafunde ngale ntela ukuze bazi ukuthi yikuphi okubathintayo nokuzosiza imindeni yabo uma sebebhala amafa.
Okwesithathu yi-Estate Duty, okuyintela efakwa empahleni yomuntu oshonile, ikakhulukazi uma sekwabiwa ifa lakhe linikwa abantu ababhalile.
Ivamise ukukhokhwa ngabantu abanempahla yemali eningi mhlawumbe imizi ebiza izigidi nezimoto zikanokusho.
Abantu abanempahla engaphezu kukaR30 million bakhokha intela ka-20%.
Kodwa lokho akusho ukuthi abanempahla engabizi izigidi abayikhokhi. Kubalulekile ukuthi abantu bafunde kabanzi ngezinhlobo zentela ukuze babone olubathintayo.
Le ntela ayifakwa empahleni eshiyelwe umyeni noma unkosikazi wosuke eshonile.
Enye intela okufanele abantu bayikhumbule iValue Added Tax, Donations Tax nentela ethinta uSection 7C wezikweletu.
Yonke le ntela uNkk Ungerer uthe ingaba nomthelela ekucazweni kwempahla yomuntu osuke eseshonile ngakho kubalulekile ukuyihlelela uma kubhalwa incwadi yefa.