Ucela ukunikwa isikhashana owoSuthu
UMQEQESHI omusha waMaZulu FC, uJozef Vukusic, uthi ucela isikhathi esincane sokuthi azi kahle abadlali futhi aqonde kahle neqembu ngaphambi kokwenza izethembiso.
UVukusic uthe kulukhuni satshe ukuthembisa izinto okwamanje kodwa uzoba khona umehluko kulokhu okukhona njengamanje kuleli qembu.
Lo mqeqeshi, odabuka eSlovakia, usayine inkontileka yeminyaka emithathu noSuthu olubhinjelwa yizinto kwi-Absa Premiership njengoba luyibambe emsileni ngamaphuzu amabili emidlalweni emihlanu.
Ngokusho kukaVukusic owethulwe izolo phambi kwezintatheli eMoses Mabhida Stadium, okubalulekile njengamanje ukuthi azinze kuleli qembu.
Ubephelezelwa uLunga Sokhela oyimenenja jikelele yeqembu, uQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu noMabhudi Khenyeza.
UVukusic uzakhele igama kwiPolokwane City ayifice ivika izembe, wayishiya kwiTop 8.
“Angifuni ukuthembisa kakhulu okwamanje kodwa ngisafuna ukujwayela izinto ezimbalwa nabadlali. Kuningi okusadinga ngikuqonde ngaphambi kokwenza izethembiso. Engangikusho nje ukuthi uzoba khona umehluko. Ngiyazi iqembu linemidlalo enzima futhi ngeke kube lula neze kodwa sizoyibamba ishisa,” kusho uVukusic.
Lo mqeqeshi uthe uyayazi into azifaka kuyona, njengoba AmaZulu sekunesikhathi agcina ukunqoba.
“Ngiyazi ukuthi emidlalweni ewu-20, Usuthu lusanqobe kuphela emine. Kungakho namhlanje ngethulwa njengomqeqeshi ngoba bekucaca ukuthi akuhambi kahle. Ngeke kube yinto okuzothi zisuka sidlale kahle kodwa kuzodinga isikhathi. Ngiyethemba futhi ukuthi imiphumela sizoyithola,” kusho uVukusic.
USokhela, oyimenenja jikelele kuMaZulu, uveze ukuthi uKhenyeza nguyena ozoba yiphini likaVukusic.
Lesi sikhulu siveze ukuthi nakuba benephupho lokungena kwiTop 8 uma kuphela isizini kodwa njengamanje kusafanele beqale ukunqoba ngoba yikona okuzobenza beqale ukuzethemba njengeqembu.
“Asikho neze esimeni esihle, kwazise asikanqobi emidlalweni emihlanu. Asifuni ukubuka kude, sifuna ukuthi sinqobe imidlalo embalwa, bese siyazinza. Ngiyavuma ukuthi sifuna iTop 8 kodwa okwamanje kufanele siqale ukuqoqa amaphuzu,” kusho uSokhela.
Uphinde wachaza isizathu esenze kwakhethwa uKhenyeza njephini.
“Umqeqeshi ushilo ukuthi ufuna ukusebenza nomqeqeshi onjani kithina.
“Ngokubukela ukuthi uKhenyeza udlale kahle esengumdlali, nangendlela ahlonishwa ngayo ngabadlali, kube lula ukuthi sikhethe yena,” kuphetha yena.