Owe-ASA ukhala ngoSemenya kweliya eQatar
UKUNGABI khona kukampetha we-800m uCaster Semenya kuvula isikhala ekwandiseni isibalo sezindondo ebingabuya nazo iNingizimu Afrika kuma-IAAF World Championship aseDoha, eQatar, kusukela ngoSepthemba 27 kuya ku-Okthoba 6.
Lokhu kuvezwe umengameli we-Athletics South Africa (ASA) u-Aleck Skhosana ngemuva kokwethulwa kweqembu lakuleli labagijimi abawu-31 abazolimela kulo mqhudelwano.
USemenya ngeke akwazi ukuvikela isicoco sakhe se-800m ngenxa yokunqindwa wumthetho we-IAAF ophoqa abagiimi besifazane ebangeni u-400m, 800m, ne-1 500m ukuthi badle imishanguzo yokuthithibalisa i-testosterone uma imizimba yabo ikhiqiza engaphezulu kuka5nml/L. Lo mgijimi usalinde isinqumo seSwiss Federal Court lapho ephikisa khona lo mthemtho.
Omunye umpetha wakuleli ongekho eqenjini, uWayde van Niekerk ongeke avikele isicoco sakhe sango-2017 kwi-400m njengoba engakalulami kusukela alimala ngemuva kwemidlalo yaseLondon.
USikhosana uthe: “Silindele ukuthi benze okufanele, bayakwazi bona. Kumele bakwazi ukuphephezelisa ifulegi lakuleli. Thina siqoka umuntu ukuthi ayomela isizwe eqhathwe nezinye izizwe ukuthi ayokhuphula irekhodi lakhe, elaseNingizimu Afrika, elase-Afrika noma elomhlaba uma kwenzeka.”
Emqhudelwaneni odlule elakulelli labuya eLondon likleliswe endaweni yesithathu kwabenze kahle ngezindondo. Lathola izindondo eziyisithupha. Amagolide amathathu, isiliva namathusi amabili.
USkhosana uthe ngeke basho ukuthi bafuna izindondo ezingaki kulokhu. “NgesiZulu sithi ayiqanjwa ingakazalwa. Sizolinda amasosha ahambe sibone ukuthi afika enza kanjani.”
Kubadlali abaseqenjini okungabhekwa kubona izindondo kukhona uLuvo Manyonga ozobe elwela isicoco se-long jump asithathe ngo-2017 eLondon. Uzakwabo umpetha wase-Afrika uRuswahl Samaai naye ukhona kulabo ababhekiwe njengoba abuya nethusi.
Laba kuzomele balwele ukugudluza umpetha we-Diamond League, uJuan Euchavaria waseCuba obebamise kabi kule sizini yeDiamond League. U-Euchavaria nguyena osagxume ibanga elide kulo nyaka ebeka u-8.65m. UManyonga ugxume u-8.37m kulo nyaka eLondon
U-Akani Simbine oyibamba kwi-100m ube nezikhathi ezinhle kulo nyaka nokumbeka ethubeni lalabo abangazibeka ethubeni lokubuya nendodo kule midlalo. Ngo-2017 wahlulwa kowamanqamu ephuma endaweni yesihlanu kunqoba uJustin Gatlin waseUSA. Iqembu lakuleli lizohamba ngoLwesibili selilibhekise eDoha lapho amazinga okushisa ephezulu kakhulu..