Esibabolekisile asibanqindi – Pitso
IMAMELODI Sundowns ingena ezintangeni ngokuputshuka kwezindaba zokubuyisa umthetho ovimbela abadlali ebabolekisile ukuthi babhekane nayo uma idlala namaqembu esuke ibabolekise kuwona.
Ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi uJeremy Brockie, embolekise kwiMaritzburg United, ngeke adlale uma la maqembu esetholana phezulu kowe-Absa Premiership eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama.
Eminyakeni eyisihlanu edlule, umphathi weSundowns, uPatrice Motsepe, uwususile umbandela wokuthi umdlali ambolekisile angadlali uma iqembu akulo lidlala neSundowns. Lo mthetho wawubekwe nguJose Ferreira eseyisikhulu esiphezulu kumaBrazilians. UFerreira wayezeseka ngokuthi abadlali abasuke bebolekiswe yiSundowns basuke besayithola kulona leli qembu ingxenye yomholo wabo ngoba amanye amaqembu akhala ngokuthi bahola kakhulu.
Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uzihlangulile ngokubuya kwalo mthetho. “Ngokwazi kwami awusekho lowo mthetho kwiSundowns. Nani kade nibona abadlali esibabolekisile beshaya amagoli bebhekene nathi. Kuyinto engalungile ukuvimba umdlali ukuthi adlale nathi uma simbolekisile. Asibavimbi esibabolekisile. Anginalo ulwazi lokuthi sekuyenzeka futhi. Ngicela uyikhulume noYogesh (Singh) le ndaba.”
Kubadlali abebekade besemabhukwini eSundowns bashaya amagoli bebhekene nayo kukhona uRodney Ramagalela, Musa Nyatama, Mokgakolodi Ngele nabanye.
Ngesikhathi leli phephandaba lizama ukuphawula kukaSingh, uziqhathululile wathi akukhulunywe no-Alex Shakoane wezokuxhumana kwiSundowns. Naye uShakoane ukhombe leli phephandaba kuSingh wathi wudaba oludinga ukuphawula kwakhe njengoba kuwuyena okhuluma eziphathelene nezinkontileka.
Nokho ugcine ethi uzokhuluma yena noSingh, ucela ukubuye athintwe. Esethintwa, ubambe wayeka wathi akakakhulumi noSingh.
Ngasekuqaleni kwenyanga ngesikhathi imenenja yeMaritzburg, uQuinton Jettoo, izobhalisa uBrockie emahhovisi ePremier Soccer League (PSL), ithe imithetho yeSundowns eyimigoqo kwamanye amaqembu ayibathinti bona ngenxa yobudlelwano abanabo naleli qembu.
Izolo, isikhulu seMaritzburg uYounus Kadodia, sithe: “Angikwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba angiyazi imibandela yesivumelwano neSundowns.”
Okungahlalukiki nkengoba kusa imidlalo ye-Absa Premiership ngempelasonto ukuthi uBrockie wazi ukuthi uzodlala noma uzobe ebuka nezihlwele.