UNodada nokuwina indebe yeligi
KUYISIFISO somdlali waseswini weCape Town City, uThabo Nodada, ukubona iqembu lakhe liphakamisa indebe ye-Absa Premiership.
Lo mdlali oqale umdlalo wakhe wokuqala kule sizini ngempelasonto ngemuva kokulimala, ukusho lokhu kade eqokwe njengomdlali ovelele iCity ibambana ngo 3-3 neSuperSport United ngempelasonto edlule.
UNodada ushaye amagoli amabili kulo mdlalo obushubile, nokho bagcina behlulekile wukuhamba nawo womathathu amaphuzu.
Lo mdlali ozihlukumezayo izitobha ngejubane uma esenkundleni, walimala nozakwabo uRoland Putsche ngoFebhuwari ngesikhathi bebhekene neHighlands Park emdlalweni weNedbank Cup Last 16.
Uthe uma bengalungisa amaphutha asemuva afana nalawa abawenzile emdlalweni ne-United, bangakwazi ukushubisa umbango wesicoco seligi.
ICity ephekwa uBenni McCarthy isaqoqe amaphuzu ayisithupha emidlalweni emihlanu yeligi. NgeSonto idlala neLamontville Golden Arrows eCape Town Stadium ngo-3 ntambama.
“Okubalulekile okwamanje wukuqinisekisa ukuthi ngihlezi ngiwumqemane. Ngithemba ukuthi nomzimba wami ngeke ungenzele phansi.
“Okusemqoka kakhulu wukusiza iqembu lami ngayo yonke indlela engingakwazi ngayo. Lena yisizini lapho okungafanele silokhu sithi cishe. Sesikwenzile lokho kula masizini amabili edlule.
“Yebo sizinqobile izindebe kodwa manje sekuyisikhathi salena enkulu yeligi. Ngicabanga ukuthi kulaba badlali abahle esinabo nalabo abafikile singakwazi ukukwenza. Umdlalo wanamuhla (SuperSport) ukukhombisile lokho, uma nje singavimba kangcono sizoyithola imiphumela emihle,” kusho uNodada kwiSS4. UMcCarthy akazange akufihle ukujabula kwakhe ngokubuya kukaNodada ekulimaleni. Empeleni lo mqeqeshi uthe ukube bonke abadlali bakhe bebekhombisa ukulwa nokuzimisela kukaNodada ngabe abazange bahlulwe.
“Ngifisa ukube benginoThabo Nodada abawu-11 enkundleni. Anginandaba ukuthi bathini. Kumele bakwazi nabo labo, ” kusho uMcCarthy.
ICity esungulwe ngo-2016 isinqobe isicoco seTelkom Knockout neseMTN 8, yaqeda kwiTop 8 kuwona wonke amasizini ikhona.