Basengozini yokukhishwa kwiNedbank Cup abeNatal United uma libalahla
I-NATAL United ilengela engozini yokukhishwa kwiNedbank Cup ngenxa yezinsolo zokugolozela unompempe ngesikhathi idlala noMvoti FC ngempelasonto.
UNomkhosi Zulu oyimenenja yeKwaZuluNatal ABC Motsepe League, utshele Isolezwe ukuthi maduze izikhulu ze-United nezoMvoti zizothola izincwadi ezizokwaziswa ngazo ngosuku nangendawo iSouth African Football Association (Safa) ezoqula khona icala labo.
Ngeledlule la maqembu abedlala kwiNedbank, ekhaya le-United, eMzisho Stadium, eMsinga.
Kuthiwa umdlalo uqale ngo-3 ntambama waphela zibambene ngo-3-3. Ngemuva kwesikhathi esingeziwe unompempe uyalele amaqembu ukuthi ashaye amaphenathi.
Kuthiwa ukaputeni we-United ukhale ngokuthi sekumnyama, unozinti wakhe unenkinga yamehlo, ngeke esakwazi ukubona amabhola.
Kuvela ukuthi umdlalo awubanga usaqhubeka nakuba unompempe no-match commissioner bebegcizelela ukuthi kusakhanya, asengashaywa amaphenathi.
UZulu uthe ngokumbiko kanompempe bekusakhanya, amaphenathi abesengashaywa.
“Ngokomthetho amaqembu azobizelwa esigcawini seSafa esiqula amacala.
“Nakuba sinombiko kanompempe kodwa kuyilungelo lawo ukuveza okwenzekile ngosuku lomdlalo.
Uma kutholakala ukuthi kukhona iqembu elibe necala lizolengela engozini yokukhishwa kwiNedbank,” kubeka uNomkhosi.
Lesi sikhulu siveze ukuthi ukungapheli komdlalo kuziphazamise kwaziqeda izinhlelo zabo kwazise bebefuna amaqembu anqobile adlale izolo kuma-quarterfinal.
Uthe lokhu ngeke kusenzeka kwazise ngempelasonto okuyiwa kuyona kuqala imidlalo yeligi.
Eyama-quarterfinal eNedbank uthe seyizoba ngoLwesithathu lukaSepthemba 25.
ULucky Malembe oyisikhulu se-United uthe ngabe kudlalwa ngabo uma bengatholwa benecala.
“Kwayena unompempe ubengasaboni. Umdlalo uqale ngo-3. Maphakathi nawo kwaba neziwombe lapho abadlali bebeba nekhefu lokuphuza amanzi. Umdlalo uphinde wangena esikhathini esingeziwe. Ngaphezulu kwalokho inkundla yethu inenkinga yezibani njengoba ilungiswa. Impela kudlalwa ngathi,” kubeka uMalembe. Eyama-quarterfinal iqhathwe kanje: Dynamos v Rainham (Chatsworth Stadium); DBN FC v Wanderers (Sugar Ray Xulu Stadium); Milford v NRB (Umhlathuze Sports Complex).
IMovers izodlala nozodluliselwa phambili phakathi kwe-United noMvoti.