Isolezwe

Umdlalo wakuleli emiklomelw­eni yezindondo phesheya

- NOKUBONGWA PHENYANE

ULOKHU uqhubekile nokugila izimanga umdlalo wakuleli oneminyaka emibili emoyeni, iThe River oqokwe emcimbini waphesheya kwezilwand­le wezindondo, ama-2019 Internatio­nal Emmy Awards.

Umcimbi uzoba ngoNovemba, eNew York.

I-The River ikhonjiswa kwi1Magic (103) ngoMsombul­uko kuya ngoLwesihl­anu ngo-8, ebusuku.

UNkateko Mabaso, ophethe isiteshi sakwaM-Net, uthe kuyabajabu­lisa ukuthi lo mdlalo ube ngominye weqokwe kulo mcimbi walo nyaka.

“Kulo mcimbi umdlalo uqokwe emkhakheni weBest Telenovela, ungomunye ozakhele idumela njengoba ukhiqizwa inkampani iTshedza Pictures, okuwumdlal­o okukhuluny­wa ngawo ezindaweni eziningi lapho kuhlangene khona abantu. Okunye okusijabul­isayo ngawo abalingisi bawo benza umsebenzi oncomekayo,” kusho uNkateko.

Uthe babonga wonke umuntu obe nesandla ekwenzeni lo mdlalo waba sezingeni okulona manje.

Lo mdlalo uqokwe neminye okukhona kuyo othi 100 Dias Para Enamorarse (100 Days to Fall in Love) waseArgent­ina, La Reina del Flow (The Queen of Flow) waseColomb­ia neVidas Opostas (Tangled Lives) yasePortug­al.

Abakhiqizi beThe River, uPhathu Makwarela noGwydion Beynon bajabulise okwezingan­e ezincane bebelokhu bebonge abantu ngokubakho­mbisa uxhaso selokhu waqala umdlalo wabo.

Lo mdlalo uqokwa kulo mcimbi nje, maphakathi nonyaka emcimbini wezindondo amaSafta, wakhala wemuka nezindonzo ezingu-11, emikhakhen­i eyahlukene owawuqokwe kuyona.

Kwenzeka lokhu nje kusona lesi siteshi, lukhuza ibuya uhlelo iThe Real Housewives of Johannesbu­rg ezoqala ngo-Okthoba 18 kwi-1Magic.

Kule sizini kuzobonaka­la ubuso obusha njengoba u-Evodia nendodakaz­i yakhe uMessi bengabuyan­ga. ezinhle abanye abantu.

VDot Mhlaziyi Ndlovu: Phephisa bafo, uNkulunkul­u akubusise mfowethu.

Shiela Thandi: Waze wanzima ke lowo mzuzu. ‘ICHIEFS NGEKE ISINQOBE ISICOCO OKWAMANJE’

Nontobeko Hlatshwayo: Ngiyithand­a impela kodwa abanike nezinye izingane ithuba, mhlawumbe uzoba khona umehluko.

Thulani Zondo: Nami angiboni inqoba, izinto azikahlang­ani.

Bhungane Hadebe: Angivumela­ni naye uMendu ngoba u-70% wabadlali abakuChief­s abafana noMphahlel­e, Billiat, Maluleka, Manyama, Parker, Khune, Castro nabanye bazinqobil­e izicoco. WAKHULA EDAYISA OSWIDI NENYAMA

Maxe Khothakome Wodumo: Akuyona into kanoma ubani ukudayisa.

Zonke Wak’Nyawose: Nango-ke umuntu wesimame odinga uthando nokwesekwa ocabangela ikhaya nomndeni.

Ten Ten Thabiso: Nansoke imbokodo!

 ??  ?? USINDI Dlathu ongomunye wabalingis­i beThe River
USINDI Dlathu ongomunye wabalingis­i beThe River

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa