Isolezwe

Kuphele isonto engazi ngengane edlwenguli­we

- ZANELE MTHETHWA

AKASASETHE­MBI isikole sabakhubaz­ekile umzali womfundi waseNanda, otshelwe sekuphele isonto ukuthi ingane yadlwengul­wa esikoleni, yadliswa namaphilis­i okuyelapha engazi.

Uyaveva umzali walo mfundi oneminyaka engu-13 ofunda esikoleni sabakhubaz­ekile, KwaTiba, oThongathi, obehlala ngaphakath­i khona.

Lo mzali eligodliwe igama lakhe ukuvikela ingane, uthe utshelwe okokuqala ngalesi sigameko ngoLwesith­athu, esemcimbin­i wesikole. Ubevele ezobuya nayo ingane njengoba kuzovalwa izikole.

‘’Sithe sifika esikoleni sihamba nonina wendodakaz­i yami, satshelwa ukuthi kunodaba okumele luxoxwe nathi kodwa olungelubi. Kuthe sekuphele umcimbi sabizelwa ehhovisi likathisha­nhloko. Sitshelwe ukuthi ingane kusolakala ukuthi yadlwengul­wa ngomunye umfundi, bazama ukungithin­ta bangangith­ola ocingweni,’’ kuchaza unina womfundi.

Uthe okumkhatha­zayo ukuthi ingane yayiswa eThuthuzel­a Care Centre iyohlolwa yena engazi, yanikezwa ngisho amaphilisi. Uveze ukuthi uthole ukuthi ingane yadlwengul­wa ngoSepthem­ba 9, yayiswa eThuthuzel­a okuyisikhu­ngo sabadlweng­uliwe, ngoSepthem­ba 15.

‘’Angikwazwa­nga ngisho ukulala ngoLwesith­athu sengizwe lolu daba. Ngiye esiteshini samaphoyis­a eNanda bangibheke­la ukuthi lavuiwa yini icala oThongathi. Ngithole ukuthi icala alivulwang­a, ngalivula mina eNanda,” kusho umzali.

Uthe wayiyisa esibhedlel­a ingane emuva kokuzwa udaba, yaphinde yahlolwa. Kutholakal­e ukuthi akubonakal­i ukuthi yadlwengul­wa kodwa uyasola ukuthi kungenzeka ukuthi yanukubezw­a ngoba nayo iyavuma. Uthe useyasaba ukuyibuyis­ela kulesi sikole ngoba akasethemb­i lutho. Uveze ukuthi indodakazi yakhe ayikhubaze­kile emzimbeni kodwa ithatha kancane ngokomqond­o. Uveze ukuthi kumanje ingane izobonana nosonhlala­kahle ngesonto elizayo njengoba iphazamise­kile ngenxa yesigameko.

UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa eKZN:

“Isigameko kuthiwa senzeka oThongathi kodwa icala liphenywa uphiko oluphenya ngezigamek­o zodlame lomndeni, ukuvikelwa komndeni namacala ocansi eNanda,’’ kusho uCaptain Gwala.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bazojuba ithimba elizobheka udaba ukuze kuthathwe izinyathel­o ezifanele. Uthe kungaba yiphutha uma lokhu kuyiqiniso ngoba abazali kumele babikelwe kuqala uma kunesigame­ko esithinta ingane.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa