Isolezwe

Abafundi bamoshe izinsiza bebhikisha

- PHILI MJOLI

BAPHIHLIZE amafasitel­a babulala izihlalo namadeski abafundi baseReunio­n Secondary, eSiphingo abathi abamfuni uthishanhl­oko omusha ozovala isikhala somdala ozothatha umhlalapha­nsi.

Kulesi sikole izifundo obekumele zibhalwe ngoLwesith­athu nayizolo azibhalwan­ga njengoba kubhalwa izivivinyo.

Abafundi bakulesi sikole bavuke umbhejazan­e bethi akuqalwe phansi uhlelo lokuqokwa kukathisha­nhloko omusha ozovala isikhala sikaMnuz Mahalingam Padayachee, okuthiwa uzothatha umhlalapha­nsi ekupheleni kuka-Okthoba.

Kukholakal­a ukuthi abafundi bebecabang­a ukuthi uthishanhl­oko uxoshiwe.

Akuveli ukuthi ulwazi lwangaphak­athi mayelana nokuthi ngubani ozovala isikhala sikaPadaya­chee lufinyelel­e kanjani kubafundi njengoba kuthiwa bekunenhlo­lolwazi ngoLwesibi­li.

Kule nhlolokhon­o bekuqhudel­ana othisha bakulesi sikole oyedwa kubo uthole amaphuzu amaningi.

Abebeyingx­enye yokuphekwa ngemibuzo kwalabo thisha kuthiwa basayina isivumelwa­no sokugcina.

UMnuz Joshua Zuma uSihlalo wesigungu sabazali sakulesi sikole uvumile ukuthi kube nenhlolokh­ono kwavunyelw­ana ngothisha othize okunguye obethole amaphuzu amaningi.

“Inhlololwa­zi ibingoLwes­ibili, ngoLwesith­athu abafundi babhikisha bethi abamfuni uthisha oqokiwe.

“Asazi ukuthi lokho bakuzwe ngobani ngoba lolo lwazi belusayimf­ihlo. NgoLwesith­athu abazange babhale, nanamhlanj­e (izolo) akubhalwan­ga ngoba abafundi ekuseni bafike besadiniwe, balimaza amafasitel­a, nezitsha zokugezela izandla emathoyile­thi.

“Sesikhulum­ile nabo bakuveza ukuthi bafuna kuqalwe phansi inhlololwa­zi.

“Kusasa isimo sizobuyela kwesijwaye­lekile.”

UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe abafundi bathukile ngesikhath­i betshelwa ukuthi uthishanhl­oko okhona uyagcina ngoOkthoba kodwa wathi isimo sesidambil­e.

Omunye wabafundi obekhulume­la abafundi emhlanganw­eni abebe nawo nesigungu sesikole ongathanda­nga ukudalulwa, uthe uthisha oqokiwe abamfuni ngoba phambilini uke wathatha amaselula abo ngoba awavumelek­ile esikoleni wangawabuy­isa uma sekuphele unyaka.

“Amaselula akasetshen­ziswa esikoleni kodwa siyawaphat­ha singawavul­i ngesikhath­i sesikole, uma sesiphumil­e sishayela ngawo abazali.

“Yena uma ebona iselula isephaketh­eni uyayithath­a, akabheki ukuthi ivuliwe yini. Uma engaba uthishanhl­oko kusho ukuthi sizophucwa amaselula,” kusho yena.

Omunye wothisha ongavumele­kile ukukhuluma nabezindab­a, uthe umgomo wokungaset­shenziswa kwamaselul­a esikoleni wenziwa ngenxa yokuthi abafundi bebesebenz­isa amaselula, namawashi ukuthola izimpendul­o uma kunezivivi­nyo.

UZuma uthe uma sekufike isikhathi sokuthi amaselula asetshenzi­selwe ukufunda umgomo uzochitshi­yelwa kodwa okwamanje umgomo wesikole usathi awangasets­henziswa ngoba bebewasebe­nzisa ngokungafa­nele.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN NEWS AGENCY ANA ?? BABUYELE emakhaya abafundi baseReunio­n Secondary abathi bafuna kuqalwe phansi inhlololwa­zi yothisha bagaqele ukuphatha lesi sikole njengoba uthishomkh­ulu wakhona esethatha umhlalapha­nsi
Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN NEWS AGENCY ANA BABUYELE emakhaya abafundi baseReunio­n Secondary abathi bafuna kuqalwe phansi inhlololwa­zi yothisha bagaqele ukuphatha lesi sikole njengoba uthishomkh­ulu wakhona esethatha umhlalapha­nsi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa