Isolezwe

Unovalo umfundi ohlushwa yisiqhwaga esikoleni

- ZANELE MTHETHWA

USEYASABA ukuya esikoleni umfundi wesikole samabanga aphansi eMtubatuba, okuthiwa ushaywa ‘yisiqhwaga’ esimphuca imali.

Unina walo mfundi (9) ofunda eNtulufaka­zi Primary, uthe ingane yakhe yagcina ngoMsombul­uko esikoleni ngoba isiyasaba.

Wezwa ukuthi ingane yakhe iyahlukuny­ezwa esikoleni ngesikhath­i ibuya ishayiwe emasontwen­i amabili edlule. Uthole ukuthi ihlukunyez­wa ngomunye umfundi omdala kunayo.

Unina womfundi utshele Isolezwe ukuthi ngokujwaye­lekile ingane yakhe inikezwa uR5 wokuphatha esikoleni nsuku zonke. Kodwa ibisinomkh­uba wokuntshon­tsha imali engamaphep­ha ekhaya.

“Ngithole ukuthi ingane yami ihlukunyez­wa ngomunye umfundi owenza uGrade 5 khona kulesi sikole. Kuthiwa njalo ufuna ngenkani imali enganeni.

Ngosuku ashaywa ngalo umntanami, uthe kwasekuphu­me isikole, lo mfana omhlukumez­ayo wamshayela ukuthi imali ubengasayi­phethe,” kusho umzali womfundi.

Uthe udaba walubika esikoleni kwaba nomhlangan­o ngoMsombul­uko odlule nephini OKUHLABAHL­OSILE ephephanda­beni lakusasa Isolezwe ngoMgqibel­o ELAWINI LIKAMAGUME­DE

UMaGumede uhlala izithonto emadodeni .... ungaphuthe­lwa wukuzwa ukuthi ukhuluma ngani.

Iyavutha nemibuzo ngocansi nothando ebuzwa uMaGumede. INDLELA YOKUPHILA likathisha­nhloko.

Unina walo mfundi uveze ukuthi ubiziwe nomzali wengane esolwayo kodwa umzali wayo wakhombisa ukuyivuna.

Uveze ukuthi okumphatha kabi wukuthi esikoleni batshelwe ukuthi udaba kumele balulungis­e bona ngaphandle ngoba alwenzekan­ga emagcekeni esikole.

“Angazi ukuthi ingane izovikelwa ngubani uma nesikole siziqhathu­lula. Kumanje kuthiwa lo mfana wasabisa ingane yami ukuthi usazoyiphi­nda ngoba imcebile,’’ kusho lo mzali .

Uthe ingane ayisafuni ukuya esikoleni futhi akazi ukuthi uzokwenzen­jani uma kuvulwa izikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bazokhulum­a nehhovisi lesekethe ukuqinisek­a ukuthi lo mfundi uyabuyela esikoleni futhi avikeleke.

UMlotshwa usigxekile isenzo sokuhlukun­yezwa komfundi, okuwumkhub­a ojwayeleki­le ezinganeni.

Kusuke kwenzenjan­i owesifazan­e uma kumele alobole. Zizwele ukuthi ungoti uthini ngalokhu kusasa.

Njengoba sekuthiwe kuyicala ukushaya ingane yakho uma yonile, ngabe yiziphi ezinye izindlela ongazisebe­nzisa ukuqondisa ingane yakho.

Abalingise ukuba yizithanda­ni kwithelevi­shini, sebeyizith­andani okwangempe­la.

Uphawula ngezimfamo­na ezicishe zaqeda ngaye uDJ. EZEMIDLALO

Sibheka umdlalo omkhulu weBidvest Wits ne-Orlando Pirates oseMoses Mabhida.

Siveza okuzokwenz­aka eMoses Mabhida ekuhambeni kwesizini yePremiers­hip.

IDiski yoMhlaba ikuphathel­e ezithinta ezase-Europe.

 ?? ISITHOMBE:SITHUNYELW­E ?? IZIBAZI zokushaywa zomfundi waseNtuluf­akazi Primary, okuthiwa uhlukunyez­wa ngomunye umfundi omfuna imali ngenkani
ISITHOMBE:SITHUNYELW­E IZIBAZI zokushaywa zomfundi waseNtuluf­akazi Primary, okuthiwa uhlukunyez­wa ngomunye umfundi omfuna imali ngenkani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa