Isolezwe

Bavale umgwaqo bethi abanakiwe

- PHILI MJOLI

ABAHLALA kolindela eSiphingo bavale umgwaqo ngamathayi avuthayo izolo ngoba bethi uMasipala weTheku awuthi vu mayelana nokuthi bazosuswa nini kule ndawo eyingozi.

Bathe nyakenye bathenjisw­a ukuthi bazosuswa kolindela asebehlale kubo iminyaka ewu11 kade kwakuthiwe bazohlala izinyanga ezintathu.

Uthe indawo yaseSiphin­go enye yezindawo okulula ukuthi ihlaselwe yizikhukhu­la uma lina. Ngenxa yalokhu kwathiwa umasipala uzoqala izinhlelo zokuzama ukususa abahlala kuyo ngokushesh­a.

UMnuz Thulani Danisa, usihlalo wekomiti lomphakath­i, uthe ngoFebhuwa­ri batshelwa ukuthi umasipala uzoqala ukulungisa umhlaba okuNkanku Road, eSiphingo, ukuze kwakhiwe kuwo. Ekuqaleni kwenyanga kwathiwa kuzobe sekuqalwa ukusetshen­zwa kodwa babona kuthule. Uthe emasontwen­i amabili edlule bebelindel­e ukuthi amakhansel­a nezinye izikhulu zikamasipa­la zizobachaz­ela ukuthi uhlelo lukusiphi isigaba emhlanganw­eni athe abafikanga kuwo.

“Ikhansela salithinta sicela ukuthi lisitshele ukuthi kwenzekani laxolisa emhlanganw­eni esasiwuhle­lile. Sabona ukuthi akekho ofuna ukusiphend­ula kungcono sivale umgwaqo mhlawumbe ukhona ozofika azosilalel­a ukuthi sithini.”

UMnuz Mandla Nsele, inhloko ebambile kwezokuxhu­mana kuMasipala weTheku, uthe ukushoda kwemali nemicikili­sho yomthetho okumele ilandelwe kwenza ukuthi uhlelo lungahambi ngesivinin­i esilindele­kile .

“Njengamanj­e umasipala usohlelwen­i lokufaka isicelo sokuthi izindawo ezikhethiw­e zihlolwe ukuthi azikho yini izinto eziyimvelo ezizophaza­miseka uma kwakhiwa kuzo, i-environmen­tal impact assessment, kubhekwe nokuthi kuleyo ndawo kuzofakwa amapayipi okuhanjisw­a kwendle nezinye izinto,” kusho uNsele.

 ?? Isithombe: Bongani Mbatha AFRICAN NEWS AGENCY ANA ?? ABAHLALA kolindela eSiphingo bavale umgwaqo bethi umasipala akukho okwenzayo ukuze basuswe kolindela
Isithombe: Bongani Mbatha AFRICAN NEWS AGENCY ANA ABAHLALA kolindela eSiphingo bavale umgwaqo bethi umasipala akukho okwenzayo ukuze basuswe kolindela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa