Isolezwe

Usole ongasekho ngonya kubafana kwelaseGle­be

- MLUNGISI GUMEDE

UFAKAZI ecaleni lokubulawa kwabantu ehostela laseGlebel­ands usole uMnuz Bonga Hlophe ongasekho obethathwa njengomuny­e wobhongoza ekubulawen­i kwabantu kuleli hostela ngokudicil­ela phansi ikusasa labafana abancane ngokubafak­a ebugebengw­ini.

Lo fakazi ongeke adalulwe ngoba ubethula ubufakazi ngasese utshele inkantolo ukuthi ummangalel­wa wesibili kuleli cala, uMnuz Khayelihle “Mroza” Mbuthuma ungumshana wakhe basuka nandawonye KwaMachi, eHarding.

“UMroza noMxolelen­i Bhani naye osuka KwaMachi bafike ehostela bebancane, bashintsha, bangena ebugebengw­ini bathinteka emacaleni okubulawa kwabantu ngemuva kokusondel­ana noBonga (Hlophe),” kusho ufakazi.

Uthe uBhani odonsayo ejele ngecala lokubulala uMnuz Sipho Ndovela ufike ehostela ezofunda enyuvesi kodwa wagcina engaziqeda­nga izifundo zakhe emva kokungena ebugebengw­ini.

“UMxoleleni (Bhani) ubengibike­la ngamacala abebewenza ehostela,” kusho ufakazi.

Utshele inkantolo ukuthi uMroza ubethintek­a ecaleni lokubulawa kukaMnuz La Ndovela. UMroza naye likhona icala eselimgweb­ile lasehostel­a njengoba esahamba leli elisaqulwa.

“Ngemuva kwalesi sigameko sokubulawa kukaLa, uMroza ngamthatha ngaya naye endlini kaBonga (Hlophe) ngafike ngabatheth­isa ngendaba yokubulawa kwabantu ehostela, ngabatshel­a ukuthi ngizwile ukuthi bayathinte­ka nasecaleni lokubulawa kukaMnuz Sinyiko Ncayiyana,” kusho ufakazi.

UHlophe owabulawa ngo-2015, kuthiwa ubesondele­ne kakhulu nommangale­lwa wokuqala kuleli cala, uSergeant Bhekukwazi Mdweshu.

Kuthiwa uHlophe noMdweshu bebesatshw­a futhi kuyibo abasolwa ngokuba phambili ekubulawen­i kwabantu kuleli hostela.

Umfowabo kaHlophe, uMnuz Wonderboy Hlophe naye ungomunye wabasolwa abayisishi­yagalombil­i abasolwa ngoxhaxha lwamacala okubulawa kwabantu kuleli hostela.

Kuthiwa imali ebiqoqwa ehostela ibithathwa nguBonga noMdweshu ukuze bakhokhele izinkabi ebezigada izitezi zabo ehostela ebusuku ukuthi zingahlase­lwa, enye imali bebethenga ngayo izibhamu zokuhlasel­a izimbangi zabo zaseBlock R.

Icala liguqile njengoba inkantolo isekhefini kanti icala kulindelek­e ukuthi liqhubeke nokuqulwa ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa