Usole ongasekho ngonya kubafana kwelaseGlebe
UFAKAZI ecaleni lokubulawa kwabantu ehostela laseGlebelands usole uMnuz Bonga Hlophe ongasekho obethathwa njengomunye wobhongoza ekubulaweni kwabantu kuleli hostela ngokudicilela phansi ikusasa labafana abancane ngokubafaka ebugebengwini.
Lo fakazi ongeke adalulwe ngoba ubethula ubufakazi ngasese utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa wesibili kuleli cala, uMnuz Khayelihle “Mroza” Mbuthuma ungumshana wakhe basuka nandawonye KwaMachi, eHarding.
“UMroza noMxoleleni Bhani naye osuka KwaMachi bafike ehostela bebancane, bashintsha, bangena ebugebengwini bathinteka emacaleni okubulawa kwabantu ngemuva kokusondelana noBonga (Hlophe),” kusho ufakazi.
Uthe uBhani odonsayo ejele ngecala lokubulala uMnuz Sipho Ndovela ufike ehostela ezofunda enyuvesi kodwa wagcina engaziqedanga izifundo zakhe emva kokungena ebugebengwini.
“UMxoleleni (Bhani) ubengibikela ngamacala abebewenza ehostela,” kusho ufakazi.
Utshele inkantolo ukuthi uMroza ubethinteka ecaleni lokubulawa kukaMnuz La Ndovela. UMroza naye likhona icala eselimgwebile lasehostela njengoba esahamba leli elisaqulwa.
“Ngemuva kwalesi sigameko sokubulawa kukaLa, uMroza ngamthatha ngaya naye endlini kaBonga (Hlophe) ngafike ngabathethisa ngendaba yokubulawa kwabantu ehostela, ngabatshela ukuthi ngizwile ukuthi bayathinteka nasecaleni lokubulawa kukaMnuz Sinyiko Ncayiyana,” kusho ufakazi.
UHlophe owabulawa ngo-2015, kuthiwa ubesondelene kakhulu nommangalelwa wokuqala kuleli cala, uSergeant Bhekukwazi Mdweshu.
Kuthiwa uHlophe noMdweshu bebesatshwa futhi kuyibo abasolwa ngokuba phambili ekubulaweni kwabantu kuleli hostela.
Umfowabo kaHlophe, uMnuz Wonderboy Hlophe naye ungomunye wabasolwa abayisishiyagalombili abasolwa ngoxhaxha lwamacala okubulawa kwabantu kuleli hostela.
Kuthiwa imali ebiqoqwa ehostela ibithathwa nguBonga noMdweshu ukuze bakhokhele izinkabi ebezigada izitezi zabo ehostela ebusuku ukuthi zingahlaselwa, enye imali bebethenga ngayo izibhamu zokuhlasela izimbangi zabo zaseBlock R.
Icala liguqile njengoba inkantolo isekhefini kanti icala kulindeleke ukuthi liqhubeke nokuqulwa ngonyaka ozayo.