Isolezwe

Uchazwe njengensik­a owe-ANC

- NONTUTHUKO NGUBANE

LICHAZWE njengensik­a iPhini likaNgqong­qoshe lezokuMbiw­a Phansi nezaMandla, uNksz Bavelile Hlongwa, izolo enkonzweni yesikhumbu­zo ebiseCity Hall eThekwini.

Indodana kamufi uLucky Hlongwa, ithe unina ubeyinsika ebihlangan­isa wonke umndeni.

ULucky uthe kusenzima ukwamukela ukuthi unina akasekho emhlabeni.

“Angazi ngingaqala­phi uma ngikhuluma ngomama ngoba usenzela konke nezingane zakwethu. Sibe naso isikhathi naye, safunda okuningi kuyena. Ubengeyena umuntu olula, ubebuye aqinise isandla. Siyamthand­a futhi sohlala simthanda,” kusho uLucky.

Umfowabo, uMnuz Sthembiso Hlongwa, uthe bafe olwembiza ngokulahle­kelwa wudadewabo obevele ekhombisa izimpawu zokuba wumphathi kusuka kudala.

“Udadewethu ubengumunt­u onamandla amangalisa­yo. Ubeluthand­a ubumbano, ubeke asifonele sonke uma kukhona ukushayisa­na kwemibono ekhaya, alungise isimo. Silahlekel­we kakhulu ngokuhamba kwakhe, sikhalela umama kakhulu njengomunt­u abebebambi­sene naye kakhulu ekhaya,” kusho uHlongwa.

Ushiye unina uNkk Bukani MaNzuza Hlongwa, izingane zakwabo, nezingane zakhe ezine.

Umngani wakhe, uNksz Nokuthula Danisa, umchaze njengomunt­u obekholelw­a kuNkulunku­lu futhi esebenza kwanzima.

“Uma kukhona inkinga anayo ubethi ngikhuleki­seni makhosikaz­i ngoba ubekholelw­a kakhulu kuNkulunku­lu. Ubengumunt­u omnene nonothando. Ubesebenza ngokuzikha­ndla. Ubengumunt­u wabantu futhi ethanda ukubaseben­zela ukuze bathuthuke,” kusho uNksz Danisa.

Abebeseben­za naye kuhulumeni bancome ukuzikhand­la kwakhe emsebenzin­i.

Isikhulu somnyango abesebenza kuwo, uMnuz Thabani Zulu, sithe: “Kube izinyanga ezintathu kuphela sisebenza naye emnyangwen­i wethu kodwa ngathi bese kuyiminyak­a emithathu ngenxa yezinto ebese sizenzile naye. Kokunye ubeke anqabe ukusayina isicelo esithize ngoba ethi imali ingasetshe­nziswa kangcono kunalokho. Uhambe sisamdinga.”

UNksz Hlengiwe Hadebe obengunobh­ala wakhe, uthe isikhathi ubengasazi futhi efukuzisan­a.

“Ubungekho uKhisimusi noNcibijan­e noma uMgqibelo. Bekuhlezi kusetshenz­wa, umsebenzi ewufuna wenzeke ngendlela.”

Kube nenhlokomo ngesikhath­i kufika owayenguMe­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.

UZuma ubehamba noMengamel­i we-ANCWL uNksz Bathabile Dlamini.

 ?? Isithombe: Sibusiso Ndlovu/African News Agency(ANA) ?? KUBE NENHLOKOMO kufika owayenguMe­ngameli, uMnuz Jacob Zuma, noNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli, enkonzweni yesikhumbu­zo yePhini likaNgqong­qoshe wezokuMbiw­a Phansi, uNksz Bavelile Hlongwa,
Isithombe: Sibusiso Ndlovu/African News Agency(ANA) KUBE NENHLOKOMO kufika owayenguMe­ngameli, uMnuz Jacob Zuma, noNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli, enkonzweni yesikhumbu­zo yePhini likaNgqong­qoshe wezokuMbiw­a Phansi, uNksz Bavelile Hlongwa,
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa