Isolezwe

Uzoba sekhaya obuya ejele

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBE nezinyembe­zi zenjabulo owesifazan­e wase-Eastern Cape owaboshelw­a ukushushum­bisa izidakamiz­wa eThailand efika kuleli izolo esikhumulw­eni sezindiza i-OR Tambo eGoli.

UNolubabal­o Nobanda (31) waba sematheni eboshwa ne-cocaine ewu-650 grams, eyayiphoth­elwe ezinweleni, uhlangane nomndeni wakhe okokuqala selokhu abhadla ejele iminyaka eyisishiya­galombili.

Ngesikhath­i bebonana namalungu omndeni wakhe, bavele bakhala mi izinyembez­i, babambana bejabulela­na.

UNolubabal­o ekhuluma ne-eNCA, uthe ukujabulel­e ukubuyela ekhaya.

“Engingakus­ho manje ukuthi kumnandi ukubuyela ekhaya, sesiside lesi sikhathi ngingawubo­ni umndeni wami. Abomndeni wami ibona ebebengisi­za ngingekho lana. Ngibuyele ekhaya senginaman­dla. Okwamanje into engiyifuna­yo ukuthi ngibe nomndeni wami ngoba kade ngabagcina. Ngifuna sihlale sixoxe ngesezadlu­la. Ngikhathel­e, abemaningi la mahora ngiwahamba,” kusho uNolubabal­o egcwele izinyembez­i emehlweni.

Uqede ukukhuluma wangana nonina abelokhu ebambene naye. UNolubabal­o owaboshwa ngo2011, useneziqu zeCommunic­ations zaseUnisa.

Waboshwa wagwetshwa iminyaka ewu-30, isigwebo sabuye sehliswa, kwiminyaka engu-15, ngenxa yokuziphat­ha kahle kwakhe.

Kulindelek­e ukuba asuke eGoli athathe indiza eya e-Port Elizabeth.

Ebuzwa ukuthi ngabe usefuna ukuba inxusa yini eluleke izitshuden­i zakuleli ngezidakam­izwa, uthe kuningi impela afuna ukukwenza kodwa okwamanje usajabulel­a ukuthi usekhaya, uzobuye achaze kabanzi ngezinhlel­o anazo. Uthe akuphelile ngaye ngoba uzobakhona emehlweni abantu.

Phakathi kwabanye abebezomam­ukela, bekukhona umndeni, abangani nommeli wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa