Isolezwe

Lucasule amakholwa uhlelo lwenceku evelele

- ZANELE MTHETHWA

AYAVEVA amakholwa ngohlelo lwethelevi­shini olubheka umshumayel­i ovelele, ozowina kulona ozothola umklomelo ofika kuR1 million.

Lolu hlelo olubizwa ngeCalling The Called, luzodlala esiteshini iGau TV, okuqalwe ngoLwesibi­li eState Theatre ukwenziwa kwenhlolok­hono yalo. Inhlolokho­no iphele izolo eGoli, lapho abaqokiwe bezodlulel­a phambili ukuncintis­ana amasonto angu-13.

Abangenele banikezwa imizuzu emibili ukuveza ikhono lokushumay­ela phambi kwamajaji okubalwa uDkt David Molapo, Apostle TA Ralegoelel­a, Bishop Paul Schell (waseMelika) no-Ayanda Ncwane. Selokhu kusabalele ama-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a abazalwane bakhombise ukunengeka ngalolu hlelo, abathe lwehlisa isithunzi sevangeli.

UMfundisi OT Dlamini oyiPhini likaMbhish­ophi weNatal Coastal Synod eWeseli, uthe yichilo leli. Uthe usesondele ekuthathen­i umhlalapha­nsi ebufundisi­ni kodwa uyaqala ukuzwa ukuthi ukushumaye­la kungaba umncintisw­ano.

“Uma ngiyoshuma­yela angisho engikuthan­dayo kodwa ngilalela uNkulunkul­u bese ngidlulisa umyalezo kubantu. Awukaze uzethembe wena kodwa uhlala uthuthumel­a uma uzokwethul­a umyalezo kaNkulunku­lu. Ukushumaye­la ugcobo futhi awukwazi ukuzikalel­a isikhathi ngoba uholwa uMoya oyiNgcwele. Ukuwinisa abashumaye­la kahle imali kusho ukuthi ivangeli seliyadayi­swa,” echaza.

UMfundisi Vusi Dube we-Ethekwini Community Church ungomunye wabahlabe lolu hlelo. Ubhale kuFacebook ukuthi: “Lokhu kuyihlazo ngokwezwi likaNkulun­kulu. Singobani thina ukwahlulel­a ubizo nababizelw­e ivangeli,” kusho uDube.

Lolu hlelo ludidiyelw­e yiZallywoo­d Production­s futhi ngelokuqal­a kuleli. Emiklomelw­eni ezowinwa kubalwa imoto kanokusho nezifundo zeBhayibel­i.

Esitatimen­deni esikhishwe uMnuz Ngwako Serepe okhulumela iZallywood Production­s, uthe bahlose ukuveza ikhono lokushumay­ela elinganaki­we. UMqondisi wohlelo uNksz Ruth Mabona uthe babheke onekhono lokushumay­ela kodwa oshoda ngezimfane­lo zokuvula isonto.

“Abanye balaba bantu bashumayel­a emgwaqweni, emabhasini nasezitime­leni. Sifuna ukubanika ithuba elanele lokuqhuba umsebenzi wokushumay­ela,” kusho yena.

Abanye baphawule kanje ekhasini likaFacebo­ok leGau TV:

UMsizi Praise Gumede uthe: “Angiqondi ukuthi luhloseni lolu hlelo. Ivangeli selehlelwe isithunzi sekudlalwa ngalo.”

UTsholofel­o Nchadinyan­a Tongwane uthe, “Ngebhadi ngeke nifike kwezinye izifundazw­e, bengizonil­inda nemvubu.”

UMabone Wealthy uthe: “Thula! ushumayela ukuthola uR1m nemoto. Uyazenzisa usenyameni.”

“Ukushumaye­la akusona isiphiwo kodwa ugcobo. Lokhu wukugcwali­sa isonto nje kodwa lutho ugcobo,” kusho uDivine

Yawo Akorli.

 ?? Isithombe:GAU TV FACEBOOK ?? AMAJAJI ohlelo oluzodlala kwiGau TV, olufuna umshumayel­i ovelele ozothola imiklomelo kaR1 million, oselucasul­e amakholwa akhala ngokwehlis­wa isithunzi kweVangeli
Isithombe:GAU TV FACEBOOK AMAJAJI ohlelo oluzodlala kwiGau TV, olufuna umshumayel­i ovelele ozothola imiklomelo kaR1 million, oselucasul­e amakholwa akhala ngokwehlis­wa isithunzi kweVangeli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa