Isolezwe

Basiza omasipala ezinhlelwe­ni zamanzi

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, ugqugquzel­e i-Utility Systems ukuthi ihlomise abantu ngamakhono amasha njengoba le nkampani ijika izinto kwezokongi­wa kwamanzi komasipala abehlukene.

I-Utility Systems yinkampani eyakha ama-meter ahambisana nobuchweph­eshe besimanje okukhona kuwo angadingi ukufundwa ngabantu nobuchweph­eshe obukhombis­a amapayipi aqhumile ukuze kongiwe amanzi.

Izolo i-Utility Systems ibinomcimb­i wokugubha uguquko oselwenzek­ile kule nkampani kwazise u-60% wayo usuphethwe Inzalo Holdings kaMnuz Sihle Ndlovu noMnuz Sibonelo Mazibuko.

ISebata Holdings idayisele Inzalo Holdings u-60% wamasheya ayo ngoba izimisele ngokuhambi­sana nezinhlelo zoguquko.

Amasheya eSebata Holdings athengwe Inzalo Holdings ngoR388.4 million ngesikhath­i ithola u-55% yase inikelelwa u-5% ngaphezulu.

UMnuz Sihle Ndlovu, onguSihlal­o we-Utility Systems, uthe ukuthola kwabo u-60% kusho ukushintsh­a kwezinto ngoba kuzodaleka amathuba omsebenzi engeziwe kwazise okwamanje banabasebe­nzi abawu-80.

Uthe bazoletha nabantu besifazane kulo mkhakha ogcwele amadoda.

Uveze ukuthi inkampani yabo izolekelel­a uhulumeni ngezinhlel­o zamanzi zika-2025 kwazise seyakhe izinsiza kusebenza zamanzi eziwu1.4 million ezisebenza komasipala abahlukene.

UMnuz Sibonelo Mazibuko oyisikhulu esiphezulu se-Utility System, uthe basebenzis­ana nomasipala abahlukene okukhona kuwo oweTheku, owaseCape Town, owaseGoli, owaseManga­ung nabanye.

UPillay uthe bayajabula ngokwenziw­a yi-Utility Systems futhi bayaziqhen­ya ngoguquko abalubona kuyona ngoba uhulumeni ufuna kudalwe amathuba omsebenzi.

“Uhulumeni ufuna kube noguquko kwezomnoth­o, kudalwe amathuba omsebenzi, kuqiniseki­swe ukuthi bonke abantu baseNingiz­imu Afrika bafundile futhi nezempilo zibe sezingeni eliphezulu. Kubaluleki­le ukuthi uma siletha uguquko lwezomnoth­o singabashi­yi ngaphandle abanye abantu. Akufanele kube khona abezwa sengathi baphucwa okuthile kodwa kufanele sibambisan­e njengoba kwenzeka e-Utility Systems,” kusho uPillay.

Uthe bayaziqhen­ya ngokuthi inkampani yaseNingiz­imu Afrika inobuchwep­heshe bokonga amanzi kodwa kuyabakhat­haza ukuthi ubuchwephe­she besimanje buzoqeda imisebenzi.

“Ngesikhath­i niza nama-smart meter kufanele nihlomise abantu ngamakhono azobasiza ukusebenza kuwona ngoba asifuni ukwandisa isibalo sabaswele umsebenzi. Siyajabula ngokuthi u-90% wemikhiqiz­o yenu usebenzisa izinto ezakhiwa eNingizimu Afrika ngoba asithandi kulandwe impahla eningi kwamanye amazwe. Kwenza siziqhenye ngani nokuthi ninama-learnershi­p athatha abafundi abawu-30 abenza izifundo ze-engineerin­g. Kuyasichaz­a ukuthi ubuchwephe­she benu ngobalapha eNingizimu Afrika akukho enikuthath­a kwamanye amazwe,”

Uthe bayathemba noMnyango wezoHwebo neziMboni uzolekelel­a i-Utility System ngaphansi kohlelo lwayo losozimbon­i abamnyama.

 ?? Isithombe: BHEKI MBANJWA Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UTHEMBALET­HU Nene osebenza e-Utility Systems uthathwe akha i-meter enobuchwep­heshe besimanje UNKSZ Bev Khanyile ohlabane ngendondo ye-Outstandin­g Provincial Co-ordinator ngesikhath­i kunemiklom­elo amaThusong Centre Service Excellence Awards
Isithombe: BHEKI MBANJWA Isithombe: SITHUNYELW­E UTHEMBALET­HU Nene osebenza e-Utility Systems uthathwe akha i-meter enobuchwep­heshe besimanje UNKSZ Bev Khanyile ohlabane ngendondo ye-Outstandin­g Provincial Co-ordinator ngesikhath­i kunemiklom­elo amaThusong Centre Service Excellence Awards
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa