Isolezwe

Makubonelw­e kwiNdlovu Youth Choir engamaqhaw­e

-

SELUPHELIL­E uhambo lweNdlovu Youth Choir emncintisw­aneni wase-USA, i-America’s Got Talent. Umncintisw­ano uwinwe nguKodie Lee. Le kwaya yakuleli ebingeziny­e zezintando­kazi ishaye into ecokeme selokhu yaqala futhi yenze kahle kakhulu ngokufinye­lela esigabeni samanqamu.

INdlovu Youth Choir ihlanganis­we yintsha eqhamuka eLimpopo, iseneminya­ka engu-10 icula ndawonye. Ngokusho komphathi wayo, uRalf Schmitt, iningi lentsha ehlanganis­a le kwaya iqhamuka emakhaya ahlwempu, abanye bayizintan­dane futhi babhekene nomthwalo wokukhulis­a izingane zasemakubo.

USchmitt uthe bahlangani­sa ikwaya bezama indlela yokuthi abantwana bangabi wuvanzi. Ngesikhath­i beqala kulo mqhudelwan­o wathi:

“Iphupho lethu ukwazisa izingane emhlabenij­ikelele ukuthi ukuzalwa ekhaya elihluphek­ayo akusho ukuthi wena uqobo ungukuhlup­heka.”

Lokhu yinto ekufakazel­e le kwaya njengoba cishe akekho kule ntsha naseminden­ini wayo owayecaban­ga ukuthi ngelinye ilanga ingacula esiteji sase-USA, ibukwa umhlaba wonke.

Yize inhloso kwakunguku­thi abantwana bangabi wuvanzi kodwa ukusungulw­a kweNdlovu Youth Choir sekwenze okungaphez­u kwalokho njengoba ngokucula kwi-America’s Got Talent sekuyivule­le iminyango eminingi futhi emikhulu osekuzolal­a kuyona le ntsha noSchmitt ukuthi bayisebenz­isa kanjani ukuqhubeka nokuzikhul­isa futhi babe nesinkwa sangunapha­kade.

Siyathemba ukuthi ukuqhamuka kwamathuba amasha kuzoyenza le kwaya ibumbane kakhulu futhi iqhubeke isebenze ndawonye, kungabi bikho abazodidwa wudumo bacabange ukuthi ikwaya imi ngabo.

Siyathemba nokuthi lokhu kungabagqu­gquzela nabanye abantu emiphakath­ini ukuthi basukume bayihlanga­nise intsha, kungaba ngawo umculo, ezemidlalo, ezemfundo nokunye okuningi ukuze iqoqeke.

Sengathi abazali abasangaba­za ukuthi ezobuciko yinto umuntu angakwazi ukuphila ngayo bangabuka izinto ngelinye iso uma bebona imisebenzi yeNdlovu Youth Choir.

Nakuba nigcine ninganqoba­nga kodwa i-Afrika yonke iyaziqheny­a ngani.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa