Makubonelwe kwiNdlovu Youth Choir engamaqhawe
SELUPHELILE uhambo lweNdlovu Youth Choir emncintiswaneni wase-USA, i-America’s Got Talent. Umncintiswano uwinwe nguKodie Lee. Le kwaya yakuleli ebingezinye zezintandokazi ishaye into ecokeme selokhu yaqala futhi yenze kahle kakhulu ngokufinyelela esigabeni samanqamu.
INdlovu Youth Choir ihlanganiswe yintsha eqhamuka eLimpopo, iseneminyaka engu-10 icula ndawonye. Ngokusho komphathi wayo, uRalf Schmitt, iningi lentsha ehlanganisa le kwaya iqhamuka emakhaya ahlwempu, abanye bayizintandane futhi babhekene nomthwalo wokukhulisa izingane zasemakubo.
USchmitt uthe bahlanganisa ikwaya bezama indlela yokuthi abantwana bangabi wuvanzi. Ngesikhathi beqala kulo mqhudelwano wathi:
“Iphupho lethu ukwazisa izingane emhlabenijikelele ukuthi ukuzalwa ekhaya elihluphekayo akusho ukuthi wena uqobo ungukuhlupheka.”
Lokhu yinto ekufakazele le kwaya njengoba cishe akekho kule ntsha nasemindenini wayo owayecabanga ukuthi ngelinye ilanga ingacula esiteji sase-USA, ibukwa umhlaba wonke.
Yize inhloso kwakungukuthi abantwana bangabi wuvanzi kodwa ukusungulwa kweNdlovu Youth Choir sekwenze okungaphezu kwalokho njengoba ngokucula kwi-America’s Got Talent sekuyivulele iminyango eminingi futhi emikhulu osekuzolala kuyona le ntsha noSchmitt ukuthi bayisebenzisa kanjani ukuqhubeka nokuzikhulisa futhi babe nesinkwa sangunaphakade.
Siyathemba ukuthi ukuqhamuka kwamathuba amasha kuzoyenza le kwaya ibumbane kakhulu futhi iqhubeke isebenze ndawonye, kungabi bikho abazodidwa wudumo bacabange ukuthi ikwaya imi ngabo.
Siyathemba nokuthi lokhu kungabagqugquzela nabanye abantu emiphakathini ukuthi basukume bayihlanganise intsha, kungaba ngawo umculo, ezemidlalo, ezemfundo nokunye okuningi ukuze iqoqeke.
Sengathi abazali abasangabaza ukuthi ezobuciko yinto umuntu angakwazi ukuphila ngayo bangabuka izinto ngelinye iso uma bebona imisebenzi yeNdlovu Youth Choir.
Nakuba nigcine ninganqobanga kodwa i-Afrika yonke iyaziqhenya ngani.