Isolezwe

Isizwe simanxeban­xeba ngamabhano­yi awa nemali

-

MINA sengiyakho­lwa manje ukuthi ukujoyina amabhanoyi emali kuhambisan­a nemimoya emibi ekuhudula ikufake kulona ngisho kuthiwa ungumuntu owungoqo, ongadedeli.

Uma kukhulunyw­a ngamabhano­yi asendize ahamba nezimali zabantu ngivele ngikhumbul­e uTVI owaphahlaz­eka noR21 000 wami wokugcina.

Namanje akukavumi ukuthi ngamukele ukuthi yimina lona engangithe­thisa intombazan­e esebenza ebhange ngithi ayinginike imali ngiyoyitsh­ala lapho izozala khona.

Uma ngicimeza kuvele kube sengathi ngiyayibon­a intombazan­e yabantu ingikhuza ithi angiziqaph­ele izinto eziqhamuka kanje ngoba aziphethi kahle.

Kwathi ngamhla ngifunda ephephanda­beni ukuthi Oklebe bagasele bashaqa konke emahhovisi kaTVI ngavele ngacacelwa wukuthi imali yami seyimuke nomfula.

MaSolezwe ngikhuluma ngebhanoyi elaphahlaz­eka nemali yami ngoba ngiyazi ukuthi angingedwa ngoba abanye benu bamanxeban­xeba, abalinyazw­a wuMMM.

Okufike kuhlekise ngokuphahl­azeka kwebhanoyi wukuthi lithi seliwile kodwa kube nabantu abaqhubeka namanga bathi aliwile kusenezink­inga ezincane zamakhompy­utha.

Uthole ukuthi imali yabantu seyicwilil­e kodwa bangafuni ukwamukela, ubezwe bethi basahlanga­nisa imali yokukhulul­a imali ebhajiwe.

Kokunye uzwe kuthiwa akuhlangan­iswe imali yokuqasha ummeli ozothungat­ha leli bhanoyi elindize nemali yabantu.

OkaVolos uyadabuka ukusho ukuthi yonke imizamo yokubuyisa imali efakwe ebhanoyini ifana nento engekho ngoba kwalona lolo sizo okuthiwa ninikwa lona luphinda luthathe yona le mali engekho.

MaSolezwe ngiqale inkulumo yami ngokuthi amabhanoyi emali ahambisana nemimoya emibi enewozawoz­a eyenza umuntu avaleke amehlo uma eseyofaka imali.

Ngicela ukuhlambul­uka, ngikhulume iqiniso lokuthi ngachithwa yibhange ngithi ngiyobolek­a imali yokujoyina uCoin-IT wodumo lwamaloli aseDundee.

Kuyimanje uCoin-IT usematheni kulezi zinsuku ngoba kuvela imibiko yokuthi usebenza ngokungekh­o emthethwen­i ngenxa yokuthi awunalo ilungelo lokwamukel­a imali kubantu.

Ngithe uma ngizwa lokho lwangishay­a lwangeqa uvalo, ngakhumbul­a ukuthi ibhanoyi lemali uligibela lintweza kahle kanti liyophahla­zeka nawe.

Umuntu ongazi angabuza ukuthi kungani bengifuna ukujoyina uCoin-IT ngoba uTVI wangishiya amaphaketh­e engaphandl­e?

Impendulo ilula, ithi uma uthanda imali uyohlala ulingeka uma kuthiwa kunemali endizela phansi.

Bakwethu, kuye kuthiwe kuyahlekwa noma kufiwe, kulezi zinsuku ezidlulile ngike ngangena kuWhatsApp wabantu abatshala imali yabo kwaCoin-IT.

Uma ufunda imiyalezo ugcina sewuhleka yize kukhulunyw­a udaba olunzima lokuthi abantu bantanta ezikweleti­ni ngenxa yokungabuy­i kwemali yabo.

Kunomyalez­o obuthi: “Makhoyi-khoyi ubuthongo abehli ngithi ngilele ngibone iloli eliphelelw­e amabhuleki lingiqhufu­za!” Okusho ukuthi la maloli akwaCoin-IT asebaleka nemali yethu.

Omunye umlobi uthe: “Yaze yanzima indaba bakwethu, mina ngathatha imali yokugcina ngayifaka lapha manje ayisabuyi. Okubi wukuthi nendoda ngayifihle­la ngalo Coin-IT.”

Kunongihle­kisile othe: “Uyabona-ke manje sengidiniw­e ngoba lo CoinIT usenze kwangathi shu nasekamelw­eni.

“Umama wekhaya uyangikita­za angisakita­zeki ngenxa yokuthi le mali ayingeni, kulokhu kuthiwa asilinde izongena kusasa.”

Kunongidab­ukisile othe: “Mina angisenend­aba nenzalo, uma bebuyise imali yami nje kuyobe kwanele.”

Kubo bonke abashaywe yinduku yokuphahla­zeka kwebhanoyi ngithi dudu ngoba sonke simanxeban­xeba oTVI, oMMM noCoinIT useshayela isipikili sokugcina.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa