Isizwe simanxebanxeba ngamabhanoyi awa nemali
MINA sengiyakholwa manje ukuthi ukujoyina amabhanoyi emali kuhambisana nemimoya emibi ekuhudula ikufake kulona ngisho kuthiwa ungumuntu owungoqo, ongadedeli.
Uma kukhulunywa ngamabhanoyi asendize ahamba nezimali zabantu ngivele ngikhumbule uTVI owaphahlazeka noR21 000 wami wokugcina.
Namanje akukavumi ukuthi ngamukele ukuthi yimina lona engangithethisa intombazane esebenza ebhange ngithi ayinginike imali ngiyoyitshala lapho izozala khona.
Uma ngicimeza kuvele kube sengathi ngiyayibona intombazane yabantu ingikhuza ithi angiziqaphele izinto eziqhamuka kanje ngoba aziphethi kahle.
Kwathi ngamhla ngifunda ephephandabeni ukuthi Oklebe bagasele bashaqa konke emahhovisi kaTVI ngavele ngacacelwa wukuthi imali yami seyimuke nomfula.
MaSolezwe ngikhuluma ngebhanoyi elaphahlazeka nemali yami ngoba ngiyazi ukuthi angingedwa ngoba abanye benu bamanxebanxeba, abalinyazwa wuMMM.
Okufike kuhlekise ngokuphahlazeka kwebhanoyi wukuthi lithi seliwile kodwa kube nabantu abaqhubeka namanga bathi aliwile kusenezinkinga ezincane zamakhompyutha.
Uthole ukuthi imali yabantu seyicwilile kodwa bangafuni ukwamukela, ubezwe bethi basahlanganisa imali yokukhulula imali ebhajiwe.
Kokunye uzwe kuthiwa akuhlanganiswe imali yokuqasha ummeli ozothungatha leli bhanoyi elindize nemali yabantu.
OkaVolos uyadabuka ukusho ukuthi yonke imizamo yokubuyisa imali efakwe ebhanoyini ifana nento engekho ngoba kwalona lolo sizo okuthiwa ninikwa lona luphinda luthathe yona le mali engekho.
MaSolezwe ngiqale inkulumo yami ngokuthi amabhanoyi emali ahambisana nemimoya emibi enewozawoza eyenza umuntu avaleke amehlo uma eseyofaka imali.
Ngicela ukuhlambuluka, ngikhulume iqiniso lokuthi ngachithwa yibhange ngithi ngiyoboleka imali yokujoyina uCoin-IT wodumo lwamaloli aseDundee.
Kuyimanje uCoin-IT usematheni kulezi zinsuku ngoba kuvela imibiko yokuthi usebenza ngokungekho emthethweni ngenxa yokuthi awunalo ilungelo lokwamukela imali kubantu.
Ngithe uma ngizwa lokho lwangishaya lwangeqa uvalo, ngakhumbula ukuthi ibhanoyi lemali uligibela lintweza kahle kanti liyophahlazeka nawe.
Umuntu ongazi angabuza ukuthi kungani bengifuna ukujoyina uCoin-IT ngoba uTVI wangishiya amaphakethe engaphandle?
Impendulo ilula, ithi uma uthanda imali uyohlala ulingeka uma kuthiwa kunemali endizela phansi.
Bakwethu, kuye kuthiwe kuyahlekwa noma kufiwe, kulezi zinsuku ezidlulile ngike ngangena kuWhatsApp wabantu abatshala imali yabo kwaCoin-IT.
Uma ufunda imiyalezo ugcina sewuhleka yize kukhulunywa udaba olunzima lokuthi abantu bantanta ezikweletini ngenxa yokungabuyi kwemali yabo.
Kunomyalezo obuthi: “Makhoyi-khoyi ubuthongo abehli ngithi ngilele ngibone iloli eliphelelwe amabhuleki lingiqhufuza!” Okusho ukuthi la maloli akwaCoin-IT asebaleka nemali yethu.
Omunye umlobi uthe: “Yaze yanzima indaba bakwethu, mina ngathatha imali yokugcina ngayifaka lapha manje ayisabuyi. Okubi wukuthi nendoda ngayifihlela ngalo Coin-IT.”
Kunongihlekisile othe: “Uyabona-ke manje sengidiniwe ngoba lo CoinIT usenze kwangathi shu nasekamelweni.
“Umama wekhaya uyangikitaza angisakitazeki ngenxa yokuthi le mali ayingeni, kulokhu kuthiwa asilinde izongena kusasa.”
Kunongidabukisile othe: “Mina angisenendaba nenzalo, uma bebuyise imali yami nje kuyobe kwanele.”
Kubo bonke abashaywe yinduku yokuphahlazeka kwebhanoyi ngithi dudu ngoba sonke simanxebanxeba oTVI, oMMM noCoinIT useshayela isipikili sokugcina.