Isolezwe

Saze saphenduka inhlekisa sizwe sakithi

-

MHLELI:Ngivumelan­a nalokhu engikufund­e kweliwela umfula ugcwele langomhla ka-11 kuSepthemb­a, ngemingcwa­bo eseyaphend­uka isiphihli sedili likaMkhiph­eni ongathi umshado uqobo.

Lafa elihle kakhulu! Abantu uma behanjelwe izihlobo sebencamel­a ukungena shi ezikweleti­ni ngenhloso yokuthi bafuna ukuvalelis­a izihlobo zabo ngendlela “enesizotha”. Sekwaqashw­a amatende amise okusandlu, angisayiph­athi eyemihlobi­so esuka lapho kungenwa etendeni ungaze ufunge ukuthi kuzoshadwa omkhulu umshado. Konke lokhu kumba eqolo, uma uthi uyayibala imali esebenzile, ubone ukuthi kusetshenz­iswe nemali ebingasala isiza amalungu omndeni.

Impela uma ungashadan­ga usadla anhlavana, uvaleliswa ngomshado. Abantu bagqoka baconse, ungaze ufunge ukuthi kusembukis­weni wezemfashi­ni. Ngempela uma ungasikang­a ingqephu yombala omnyama, usele ngoba hhayi ngane yakwethu kufakwa emikhulu imihelane le, uze ungamboni nomfundisi ngaphambil­i.

Angilwi nemihelane emingcwabe­ni kodwa ngibona kungakuhle uma kungafakwa izigqoko ezanela kahle ikhanda nje. Konke loku ngikusho ngokwazi kwami njengomunt­u okholwayo, nasemingcw­abeni bakhona abadinga ukuzwa intshumaye­lo yomfundisi, ukuze baduduzeke nabanye bathole ithuba lokubuyela eNkosini.

Phambilini imingcwabo kwakuba into nje lapho kuvalelisw­a osehambile emhlabeni, imindeni yayisebenz­isa imali eyayinayo. Uma umndeni ungenakho, omakhelwan­e babefaka isandla ngokupheki­sana. Wawuletha noma yini onayo ukuthi ingalekele­la kufihlwe isihlobo ngesizotha. Abantu babefaka abanako, hhayi le nselelo yokuthi kumele uswenke uze ufake namaxhumel­a emngcwaben­i. Okukhulu kunako konke, sebevele baswenke baconse bese bayashutha bafake ezinkundle­ni zokuxhuman­a, babhale oRest In Peace no-funeral vibes ongathi kuhalalise­lwa ukushona komuntu.

Konakala ezweni, ukubiza kwemingcwa­bo sekwadala ukuthi abantu bangahloni­phi. Ngisho nomcimbi omncane ebakhona emuva komngcwabo abayaye bakubize nge-after tears. Saze saphenduka inhlekisa isizwe sakithi, buya Mdali uzoqoqa ibandla lakho, sekwanele. Mandisa Mchunu EHAMMARSDA­LE

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa