Isolezwe

Uhulumeni akanake ingqalasiz­inda yezemidlal­o

-

MHLELI: Angibingel­ele abafundi bephephand­abba elihamba phambili kwelakithi. Ake ngiveze umbono wami ngokuphaph­a kwabantu abafuna ukuhlohla indaba yebala kwezemidla­lo kuleli, ikakhulu kwikhiliki­thi nebhola lombhoxo. Ngicabanga ukuthi abadlali, abaqeqeshi nabaqondis­i kwezemidla­lo kumele bathole ithuba ngoba befanele hhayi ngokubheka ibala.

Ukwenza isibonelo, abantu bafaka ingcindezi kubaphathi beCSA ukuba baqashe u-Ottis Gibson (omnyama ngokwebala) oshaye udaka kwiNdebe yoMhlaba esongwe ngenyanga endlulu. Sekuwumlan­do nokho ukuthi sabhula amazolo nomqeqeshi wethu “omnyama”. Yebo yena uGibson unawo amagalelo kwezokuqeq­esha kodwa cha ngangibona engakabi namagalelo angamenza abe umqeseshi weqembu lesizwe.

Ngize kwelombhox­o, sanika umqeseshi omnyama, (omunye angathi ulikhaladi) u-Allister Coetzee ukuba asiyise phambili, naye wahluleka wancama, saze sehla nakumaWorl­d Rugby Rankings ngenxa yokuba wukudla kwenduku. Angingabaz­i ukuthi sizofika kowamanqam­u eNdebe yoMhlaba ngoRassie Erasmus.

Ngicabanga ukuthi kumele sisole uhulumeni ngakho konke lokhu. Ngeke uthi ufuna abadlali abamnyama balingane noma babe ngaphezulu kwabamhlop­he kodwa ube uhlulwa ukwakha ingqalasiz­inda ebantwini.

Uma ukhuluma ngezemidla­lo nje enganeni uyathola ukuthi yazi i-netball kuphela ngoba vele iyona midlalo ekhona. Nasezikole­ni zethu thina ndlu emnyama nasemakhay­a ayitshalwa eminye imidlalo efana nezokusuba­tha, ezokubhuku­ka, ikhilikith­i, i-basketball, i-hockey, i-volley ball neminye eminingi.

Wona lo hulumeni wenu uhlulwa ukwakha izinkundla zezemidlal­o. Kodwa uhulumeni uphupha ethi ufuna silinganis­we kwezemidla­lo ezikwatini.

Ngabe sihlezi sicoboshis­a kwasani emiqhudelw­aneni yamazwe ngamazwe ukuba besinohulu­meni okhathalel­e ezemidlalo njengoba ekhathalel­e ezamathend­a. Ngicabanga ukuthi neSASCOC kumele yenze okuthize uma ifuna uguquko kwezemidla­lo.

Ngincoma nesenzo esihle seSafa sokuqasha umqeqeshi omuhla uMolefi Ntsek. Nginethemb­a lokuthi uzobuyisa izinsuku zenjabulo ezweni kwazise sekuneminy­aka eyibambile kwiSafa, amagalelo akhe angiwangab­azi nakancane. Sibahle Ngobese ENQUTHU KWANGEDLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa