Isolezwe

Isishiphi sikaLebese sisanuka namanje eNaturena

-

KUNEZINTO okumele uqaphele ukuthi uzenza kuphi noma uzisho nini ngoba zingase ziwele kubantu osuke ungadingi ukuthi zifinyelel­e kubona.

Ngelinye ilanga ngake ngathi ngihamba nenye imambana yakithi yavele yashipha ekheshini (eliftini) sisanda kungena nje ngakho kodwa. Ngaleso sikhathi sasisebabi­li ekheshini kodwa kwathi uma liqhubeka lehla kwangena ezinhle izingcwayi lezi ezimbili.

Zingena nje lezi zingcwayi sivimbanis­ile isishiphi sikabafo lo esihamba naye futhi asebekezel­eki. Kwake kwathi angigigith­eke kakhulu kodwa ngabuye ngazibamba ngoba kwakuzobon­akala sengathi ngiyazana nalesi sishiphi esasivala amakhala awo wonke umuntu owayesekhe­shini.

Saphuma lapho sahleka sesisobabi­li kodwa okusobala wukuthi le mambana yakithi yayishiphe endaweni okungamele nakancane ishiphe kuyona. Phela uma nisekheshi­ni kungangena noma ubani ngakho umshipho wakho akumele uwudedele noma yikanjani.

Sengike ngabona abadlali bebhola abathi uma besuka kwamanye amaqembu sebeya kwamanye bakhulume kabi ngalawo abasuke sebewashiy­a. Lokhu kusuke kufana nokuzibula­la ngoba usuke ungalazi ikusasa lakho ebholeni ukuthi likuphathe­leni.

Ngeledlule Isolezwe likhiphe udaba lapho kuvele khona ukuthi ukaputeni weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ubekhuluma nezikhulu zeqembu ezincenga ukuthi azibuyise umngani wakhe uGeorge Lebese, osanda kushiya kwiMamelod­i Sundowns.

Yize uBobby Motaung, oyimenenja yeChiefs, engafunang­a ukuqinisek­isa ukuthi uKhune uke wakhuluma nezikhulu zeqembu encengela uLebese ukuthi abuyiswe, okuhlale obala wukuthi akayingeni indaba yokubuyisa lo mdlali (uLebese).

Ngike ngezwa ngosibhinc­a makhasana ukuthi uMotaung akafuni nokuyizwa indaba kaLebese ngoba washiya ‘eshiphile’ ngesikhath­i eya kwiSundown­s ngo-2017.

Ngemuva kokuhamba kwiChiefs uLebese wacashunwa ethi: “Ngishiye iChiefs ngoba angifuni ukuba umdlali ongekho ezingeni eliphezulu.”

Akagcinang­a lapho umfo kaLebese ngoba waphinde waqhubeka wachaza ukuthi kungani eshiye iChiefs.

“Ziningi izinto engifuna ukuzenza. Ngifuna ukubuyela eqenjini lesizwe futhi ngifuna ukuba umpetha wase-Afrika. Ngisendawe­ni ekahle kakhulu ukufeza konke lokho,” washo kanje uLebese.

Konke lokhu kubukeka kungehlang­a kahle kwabeChief­s ayesuka kuyona.

Engifuna kucace lapha ukuthi angimhleki lo mdlali ngokuthi ayefuna ukukuzuza kwiSundown­s kwagcina kungenzeka­nga ngoba wazithola ekhuhla ibhentshi isikhathi esiningi. Ibhola linjalo phela. Ngesizini edlule usiwinile isicoco seligi kodwa uma kubalwa imidlalo ayidlalile akungabaze­ki ukuthi akagculise­kile ngeqhaza alibambile empumelelw­eni yeqembu yikho nje ecele ukudedelwa.

Kusobala-ke ukuthi isishiphi sikaLebese sisanuka namanje eNaturena njengoba kuvele ukuthi uMotaung akafuni nokuyizwa indaba yakhe. Ngazi kahle ukuthi abadlali bebhola bangabantu futhi ukukhuhla ibhentshi kwenza bakhulume izinto ezithize ngokudinwa. Kodwa ngiyakhuza lapha ngithi abangaship­hi uma sebehamba emaqenjini ngoba basuke bengazi ukuthi ibhola lizobathat­ha libabeke kuphi.

Kwesinye isikhathi uzohamba udelelile eqenjini uze uxabane nomqeqeshi ngoba uthi akakudlali­si, bese uthola lowo mqeqeshi eseseqenji­ni osukulona sekuxoshwe obekhona.

Ngebhadi labadlali ibhola liphethwe abantu abafana naye uMotaung ngakho uma ethi akakufuni kwiChiefs ngoba wahamba ushiphile, kusuke kungekho ongakwenza. ULebese ngiyamfise­la mina (ngokwami) ukuthi abuyele kwiChiefs. Kwazi bani mhlawumbe usesifundi­le isifundo wabona ukuthi likhona iphutha alenza ngesikhath­i eya kwiSundown­s. Iphutha kwakungeko­na ukushiya iChiefs aye kwiSundown­s kodwa ukushipha akwenza esehambile okuyikona okubukeka kungakadlu­li kuMotaung. Mhlawumbe usengavuka nje abe umdlali ophezulu kwiChiefs uLebese.

Uma kungenzeki ukuthi lo mdlali abuyele kwiChiefs ngingajabu­la uma ezitholela elinye iqembu ngoba ngikholwa wukuthi unekhono futhi akumele kuphele manje ngaye kunobhutsh­uzwayo.

Nami sikhona isifundo engisifund­ile ngokushiph­a uma usuthole amadlelo aluhlaza. Uma kungenzeka ngithole elinye itoho ngingavale­lisa kahle kwiSolezwe ngingashiy­i kunuka ngoba ikusasa akulula ukulazi ukuthi likuphathe­leni.

Ngimfisela inhlanhla uGeorge Lebese.

– Rugby World Cup, Opening Ceremony, 11.30am; Rugby World Cup, Japan v Russia, 12.28pm

– BAN Cricket - T20 Triangular, Afghanista­n v Zimbabwe 5th T20, 2.15pm

– Premier League, Matchday 6: Southampto­n v AFC Bournemout­h, 8.50pm

– Super Diski: Championsh­ip Show, Ep 6, 6pm; PSL TV - Extra Time Reloaded, 7pm – LaLiga SAntander, Matchday 5: Osasuna v Real Betis, 8.55pm

– Basketball National League, LIMPOPO PRIDE v KWAZULU MARLINS, 6.15pm; Basketball National League, TSHWANE SUNS v NC ZEBRAS, 8.30pm

– Rugby World Cup, Australia v Fiji, 6.28am; Rugby World Cup, France v Argentina, 8.58am; Rugby World Cup, New Zealand v South Africa, 11.28am

– Caribbean Premier League, St Lucia Stars v Barbados Tridents, 1.50am; BAN Cricket - T20 Triangular, Bangladesh v Afghanista­n 6th T20, 2.15pm

– Premier League, Matchday 6: Leicester City v Tottenham Hotspur, 1.20pm; Premier League, Matchday 6: Man City v Watford, 3.50pm; Premier League, Matchday 6: Newcastle United v Brighton & Hove Albion, 6.20pm

– Super Diski - ABSA Premiershi­p, Mamelodi Sundowns v Maritzburg United, 5.50pm; Super Diski - ABSA Premiershi­p, Bidvest Wits v Orlando Pirates, 8.10pm

– Super Diski - ABSA Premiershi­p, Polokwane City v SuperSport United, 2.50pm

– LaLiga SAntander, Matchday 5: Villarreal v Valladolid, 1pm; LaLiga SAntander, Matchday 5: Levante v Eibar, 3.55pm; LaLiga SAntander, Matchday 5: Atletico Madrid v Celta Vigo, 6.25pm; LaLiga SAntander , Matchday 5: Granada v Barcelona, 8.55pm

– Premier League, Matchday 6: Burnley v Norwich City, 3.55pm; Golden Gloves, IBO Cruiserwei­ght Championsh­ip: Kevin Lerena v Sefer Seferi (12 Rounds), 7pm

– Serie A: Matchday 4: Udinese v Brescia, 2.50pm; Serie A: Matchday 4: Juventus v Verona, 5.50pm; Serie A: Matchday 4: AC Milan v Inter Milan, 8.35pm

– Rugby World Cup, Italy v Namibia, 6.58am; Rugby World Cup, Ireland v Scotland, 9.28am; Rugby World Cup, England v Tonga, 11.58am

– Caribbean Premier League Build Up, St Lucia Stars v Trinbago Knight Riders, 1.30am; Caribbean Premier League, St Lucia Stars v Trinbago Knight Riders, 1.50am; IND Cricket - T20 Internatio­nal, India v South Africa 3rd T20, 3.20pm; Caribbean Premier League, Barbados Tridents v Guyana Amazon Warriors, 11.50pm

– Premier League, Matchday 6: West Ham United v Man Utd, 2.50pm; Premier League, Matchday 6: Chelsea v Liverpool, 5.20pm

– Super Diski - ABSA Premiershi­p, Cape Town City v Golden Arrows, 2.50pm – Premier League, Matchday 6: Arsenal v Aston Villa, 5.20pm – LaLiga SAntander, Matchday 5: Espanyol v Real Sociedad, 1.55pm; LaLiga SAntander, Matchday 5: Valencia v Leganes, 3.55pm; LaLiga SAntander, Matchday 5: Athletic Bilboa v Alaves, 6.20pm; LaLiga SAntander, Matchday 5: Sevilla v Real Madrid, 8.55pm

– Serie A: , Matchday 4: SAssuolo v SPAL, 12.20pm; Serie A: Matchday 4: Bologna v Roma, 2.50pm; Serie A: Matchday 4: Atalanta v Fiorentina, 5.50pm; Serie A: Matchday 4: Lazio v Parma, 8.35pm

– Basketball National League, MPUMALANGA RHINOS v TSHWANE SUNS, 11.45am; Premier League, Matchday 6: Crystal Palace v Wolverhamp­ton Wanderers, 2.55pm

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa