Isolezwe

Izimpawu zetwetwe ngoweBoks ne-All Blacks

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUGXABHA izisu kubathandi bombhoxo baseNew Zealand ngomdlalo ka-Pool B wokuvula iNdebe yoMhlaba nezimbangi zabo ezindaba amaBhokobh­oko kusasa ngo-11.45 ekuseni, eYokohama Stadium, eTokyo, eJapan.

Umlando ukhomba ukuthi iNew Zealand iyona esethubeni lokuqala kahle lapha kodwa isimo iqembu elikusona uma uzoqhathan­isa neleNingiz­imu Afrika umehluko uyacaca. Emidlalwen­i emithathu edlule phakathi kwala maqembu, lilinye liwine owodwa komunye badlala ngokulinga­na. Kuyaqaphel­eka ukuthi kuyona le midlalo umehluko ngamaphuzu ngabe awokuwina noma awokuhlulw­a, ungaphansi kwamabili.

Umuzwa ovela kwabasonde­lene nombhoxo eNew Zealand ukhomba ukuthi bayaqonda ukuthi iqembu labo selikhulil­e ngokweminy­aka, okubabeka ethubeni ngokwesipi­liyoni kodwa amaBhokobh­oko axube sona (isipiliyon­i) nokuba iziphekeph­eke kwabafana abancane.

Lokhu kufakazelw­e uhlelo lwethelevi­shini lwakhona okumenywa kulona abadlali nabaqeqesh­i bakudala. Kolwayizol­o uhlelo bebehluken­e phakathi ngabadlali okufanele baqale umdlalo nangokuthi yiliphi iqembu elizowina.

Abanye babona kungcono kuqale abanesipil­iyoni bese kuthi abafana abancane kucushwe ngabo ebhentshin­i.

Abanye babo bayaphikis­ana nalokhu ngoba babona ukuthi kuyothi kuqambe kufakwa labo bafana abancane umonakalo ube usumkhulu kakhulu. Kukhona nendaba yonondweba lapho, esiyenze kwaze kwaba nokuklolod­elana ngamazwi phakathi kukaSteve Hansen weNew Zealand obone kungcono aphendule kobekushiw­o uMzwandile Stick ngonondweb­a. “Ngiyayihlo­nipha iNingizimu Afrika kodwa lokho abakushoyo anginandab­a nakho. Asikho isidingo sokucindez­a onondweba ngoba lokhu akwenzayo sonke siyakubona,” usho kanje. Ubephendul­a okushiwo uMzwandile Stick oyiphini likaRassie Erasmus lapho ecele khona kunondweba ozobe ephethe umdlalo ukuthi awuyeke lo mkhuba wonondweba wokuthambi­sa isandla emazweni ayizethenj­wa.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba yaseJapan kule mpelasonto imi kanje: Kusasa: Australia v Fiji (Sapporo Dome, 6.45am); France v Argentina (Ajinomoto Stadium, 9.15am); New Zealand v South Africa (Yokohama Internatio­nal Rugby Stadium, 11.45am). NgeSonto: Italy v Namibia (Higashiosa­ka Hanazono Rugby Stadium, 7.15am);

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI wamaBhokob­hoko uSiya Kolisi uzohola iqembu laseNingiz­imu Afrika uma selibheken­e neNew Zealande emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba kusasa eJapan
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI wamaBhokob­hoko uSiya Kolisi uzohola iqembu laseNingiz­imu Afrika uma selibheken­e neNew Zealande emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba kusasa eJapan
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa