Isolezwe

UPitso uthembele ezindebeni ezinkulu

- ZAKHELE XABA NONDUDUZO DLADLA

USEZOGXILA ekuwineni “izindebe ezinkulu” umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ophinde wahluleka ukuwina indebe yeMTN 8.

ISundowns ihlulwe yiSuperSpo­rt United 3-1 kowandulel­a owamanqamu uma sekuhlanga­niswe imiphumela yemilenze yomibili.

UMosimane kade kuyisifiso sakhe esikhulu ukuwina iMTN 8 kwazise yiyona kuphela aseshoda ngayo ukuze aqophe umlando wokuba ngumqeqesh­i wokuqala osewine zonke izindebe kwiSundown­s.

Emuva kokushabal­ala kwephupho lakhe, uMosimane uyivumile induku, wathi bazogxila ezintweni ezinkulu.

ISundowns ikwiCAF Champions League lapho ilwela khona ukungena esigabeni samaqoqo. Igcine kowamanqam­u wendebe ngo-2016 ihlulwa yiBidvest Wits kwiMTN 8.

Mayelana nokuqhubek­a kweshobolo lokuhlulwa yiMTN 8, uMosimane uthe:” Nami angazi. Mhlawumbe sidinga isangoma (esizosho). Angifuni ukubeka ukuziqhayi­sa kwami kule ndebe ngoba akuqondene nami ngedwa, kumayelana neqembu. Uma kumayelana nami, sengake ngayiwina le ndebe. KwiSundown­s angikayiwi­ni kodwa kukhona ezinye izindebe esingaziwi­na.

Yingani kufanele ngikhonond­e, ngingabanc­omi abanye abaqeqeshi?

“Sinomdlalo ngoMgqibel­o okufanele siwulwele. Ebholeni uma uhluliwe, wawina umdlalo olandelayo uzizwa ungcono. Sizogxila kwiPremier­ship manje neChampion­s League.

“Uma singawina iligi neChampion­s League, kulungile ukuhluleka kwiTelkom. Kufanele sithole izindebe ezinkulu.

Angisho ukuthi lena (MTN8) incane. Kodwa kufanele ubheke ngoba ibhola lase-Afrika libaluleki­le futhi silibeka phambili kwiSundown­s. Angisho ukuthi iMTN 8 asiyibeki phambili. Kufanele sikwamukel­e ukuthi ngesinye isikhathi kumele sihlulwe,“kusho uMosimane.

ISundowns izokwamuke­la iMaritzbur­g United kusasa emdlalweni weligi eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille, ngo-6 ntambama. Umqeqeshi weMaritzbu­rg United u-Eric Tinkler, uthe sesadlula isikhathi lapho khona kwakwaziwa umdlalo ungakaqali ukuthi ubani ozowina. “Kungenzeka noma yini ngoba sesiziboni­le izimanga kunqoba iqembu obekuthiwa ngeke linqobe. Abadlali bami bakhombisa ukuwuthaka­sela lo mdlalo futhi bakhombise ukuzinikel­a okuyisiman­ga emidlalwen­i yobungani esiyidlali­le.

“Ngijabule ukuthi kubuye uGabriel Nyoni, Thamsanqa Sangweni noMiguel Timm abebelimel­e. Ngikhathaz­ekile ukuthi emidlalwen­i edlule sakhe amathuba angaphezu kuka-40 kodwa sehluleka ukushaya amagoli. Sizamile ukuyilungi­sa leyo nkinga ngethemba lokuthi emidlalwen­i yethu elandelayo sizowabona amagoli,” usho kanje uTinkler.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns, uthi sebezobhek­a izindebe ezinkulu ngemuva kokuphuma kwiMTN 8 ngoLwesith­athu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns, uthi sebezobhek­a izindebe ezinkulu ngemuva kokuphuma kwiMTN 8 ngoLwesith­athu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa