Isolezwe

UDa Gama ushumayela ivangeli lokubhekan­a nomdlalo ngamunye

- LUNGILE MAJOKA

UKUBONA amaqembu athathwa njengamanc­ane enqoba izindebe bese ekugcineni ezabalezel­a amaphuzu kwi-Absa Premiershi­p yisimo azimisele ngokusigwe­ma umqeqeshi weHighland­s Park, u-Owen Da Gama.

I-Lions of the North, ekhuphukel­e esigabeni esikhulu ngesezini edlule, izibekisel­e indawo kowamanqam­u weMTN 8 ihlula iPolokwane City ngo 4-3 kumaphenat­hi kuleli sonto. Izobhekana neSuperSpo­rt United kowamanqam­u ozokuba se-Orlando Stadium ngo-Okthoba 5 ngo-6 ntambama.

I-United iguqise iMamelodi Sundowns ngo 2-0 emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamanqamu ngemuva kokuthi owokuqala waphela ngo 1-1.

UDa Gama akafuni abadlali bakhe babuswe kakhulu wukwekhala bemuke nesicoco seMTN 8 kodwa ufuna bagxile emdlalweni ngamunye njengoba ngeSonto bemelwe iBaroka FC kowe-Absa Premiershi­p ngo-3 ntambama.

“Sesikhohli­we umdlalo wamanqamu. Sesigxile kwiBaroka esidlala nayo. Sizocabang­a ngowamanqa­mu uma ususondele. Okwamanje isinkwa sethu silele kwiligi, yilapho okumele siqondise khona izinto ngakho sizozama ukubehlisa njengoba begcwele injabulo nje,” kusho uDa Gama.

Le ndlela uDa Gama ayihamba neHighland­s Park akayiqali njengoba eseke waba kuyona neSilver Stars.

Wanqoba nayo isicoco seTelkom Knockout ngo-2006 kwathi kuyona leyo sizini baqeda endaweni yesibili kwiligi ngemuva kwamasizin­i ambalwa bekhushule­lwe esigabeni esikhulu.

UDa Gama ugcizelele ukuthi akusikhona ukuthi ngeke bakulwele ukuba ngompetha beMTN 8 ehambisana nesheke lika-R8 million kodwa okusemqoka kuyena wukuthi abadlali bathole isipiliyon­i okuyisona esizoqinis­a iqembu nangomuso.

“Kumele sicophelel­e. Sesike sabona amanye amaqembu athathwa njengamanc­ane enqoba indebe bese eshona phansi (kwiligi). Sikubonile lokho ngesizini edlule kwiBaroka. Bawina (iTelkom Knockout) kodwa bagcina bethwala kanzima. Kumele sifunde kokwenzeka kwamanye amaqembu. Babhekana nomdlalo ngamunye. Akusikhona ukuthi asifuni ukunqoba (iMTN 8) kodwa okusemqoka kimina wukwakha iqembu, negama labo abadlali bathole isipiloyon­i esizobenza abadlali abangcono,” kusho uDa Gama.

 ??  ?? OWEN DA GAMA
OWEN DA GAMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa