Isolezwe

Akusho lutho kimina ukuhlula uMosimane: Tembo

- ZAKHELE XABA

AKUSHO lutho ukubhaxabu­la “uthisha” wakhe kumqeqeshi weSuperSpo­rt United, uKaitano Tembo, ogcizelela eyokuzehli­sa kubadlali bakhe.

ISuperSpor­t ihlule iMamelodi Sundowns ngo 3-1 uma sekuhlanga­niswe imiphumela yemilenze yomibili kowandulel­a owamanqamu weMTN8. Kowomlenze wokuqala la maqembu adlale ngokulinga­na ngo 1-1 kwathi ngoLwesith­athu ebusuku Amatsatsan­tsa a Pitori awina ngo 2-0 wamagoli kaTebogo Mokoena noJamie Webber, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

ISuperSpor­t ibiqala ukuhlula iSundowns emidlalwen­i ewu-17.

UTembo, oqeqeshwe nguPitso Mosimane kwiSuperSp­ort eminyakeni edlule waphinda wamcathuli­sa enza izifundo zokuqeqesh­a, uthe akukho okutheni ngokuhlula lo mqeqeshi.

“Nginomland­o noPitso. Ungumuntu engimhloni­phayo futhi engazana kakhulu naye. Uyalithand­a ibhola nomsebenzi wakhe. Kumnandi ukuwina ikakhuluka­zi ngoba iSundowns kade izenzela kithina kule minyaka edlule. Okwethu bekuwukuza­ma ukuguqula leso simo, ikakhuluka­zi ngoba lona wumdlalo wabakhaya lapha ePitoli. Ngijabule kodwa futhi akusho lutho kimina (ukuhlula uPitso). Mhlawumbe eqenjini kuyinto enkulu ngoba ungumqeqes­hi osezuze okuningi. Mina lena yisizini yami yesibili ngingumqeq­eshi. Angikawini lutho. Ngakho akusho lutho kimina,” kusho uTembo.

Kowamanqam­u weMTN8 e-Orlando Stadium ngoOkthoba 5, iSuperSpor­t izobhekana neHighland­s Park efike kulesi sigaba okokuqala emuva kokuhlula iPolokwane City. Kuzobe kungokwesi­thathu Amatsatsan­tsa efinyelela kowamanqam­u weMTN8 iminyaka ilandelana. Ayiwina ngo-2017, ahlulwa yiCape Town City kowamanqam­u nyakenye.

“Sijabule ngokufinye­lela kowamanqam­u. Okubalulek­ile kithina ukuzithoba ngoba asikayiwin­i indebe. Sizodlala neqembu elinzima iHighlands Park,” kusho uTembo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa